UTHABO “Smol” Mabongwane ugonyuluka ngokwenza walala noZodwa Wabantu Libram.
Ngesikhathi ebuzwa ngabePodcast and Chill with MacG, ukuthi kuyiqiniso yini ukuthi wake wazitika ngocansi noZodwa, uThabo (35) uvumile ukuthi babhabhabala.
UZodwa watshela uLasizwe Dambuza kwiDrink Or Tell The Truth, ukuthi umuntu odumile ayesanda kulala naye, nguThabo.
"Siyabhe#$#. Akuyona imfihlo. Sengathi unentombi, ngihlanganaphi mina," kusho uZodwa Wabantu.
Le ntokazi idume ngokudansa ezindaweni zobumnandi ingadilozile futhi ayinayo inkinga yokukhothwa inanazi nanoma ngubani.
UThabo uthe nguZodwa owathi abaye kolala ngesikhathi beficana kwenye indawo.
“Wavele wangaya le, nale. Cabanga kwakungenzeki lutho phakathi kwethu. Kungenamjolo oqhubekayo. Wathi nje ‘wena ngifuna ukukudla’."
UThabo uthe naye wavuma ngoba wayesabhekene nezinkinga. Uthe ngaleso sikhathi uZodwa wayebaba ngempela futhi ehalelwa yizinsizwa eziningi.
"Awukwazi ukuphika into oyenzile."
Ethintwa uZodwa (38), ukuba achaze ngekhono likaThabo ocansini, uthe unswempu futhi kwaphela imizuzu ewu-30 bezitika enkonzweni yasekamelweni.
Ebuzwa ukuthi angamnikeza amaphuzu amangaki kwayishumi ngekhono lakhe lasembhedeni, uthe ngoba uyamthanda uThabo uzomnikeza amaphuzu ayishumi.
UThabo uthe okumenza adonse isikhathi eside ocansini ukuthi ungumdlali wama-drum.
Ushone ezintangeni ngesikhathi ebuzwa ukuthi sebelale kangaki noZodwa, wathi "kanye noma kabili."
Kwenzeka konke lokhu uThabo unentombi engumama wengane.