KUZOTHANDAZELWA abantu abagulayo nabayimilutha yezidakamizwa enkonzweni okulindeleke ukuba ibe yindumezulu yebandla, Umkhumbi KaNowa Unity of God, eSandasonke Primary, eNtuzuma A, kusasa kusukela ngo-11 ekuseni. Umgqugquzeli wenkonzo, uMnuz Andile Ngcobo, uthe inhloso wukuphulukisa abahlushwa wuphuzo oludakayo nezidakamizwa.
"Sicela abantu balethe noma yiluphi uhlobo lomuntu ogulayo, ukuze uNkulunkulu azibonakalise kuye ubukhulu bakhe. Nabanenkinga kwezothando abeze, bese kuba ngabanamacala, izifo nosizi. Abantu mabaphume ngobuningi babo khona bezosizakala,“ kuphetha uNgcobo.
Abazalwane bazobuye babe nenhlanhla yokuzibonela osaziwayo abahlukahlukene futhi babuye bashebe izintshumayelo nomculo. Phakathi kosaziwayo abalindelwe ukuba bazonandisa enkonzweni ngumculi wokholo ongaconsi phansi, uBabo Ngcobo, umlingisi onguCaptain Nyawo woZalo, uCebo "Mr Vibe" Mthembu, ingwazi kamaskandi uMfiliseni "Mqabulesheshe" Magubane, umrepha obelingisa kwiSifiso uDr Bone, imbongi uGugu Nzimande, umaskanda uSlomo nomculi wokholo uVukani Nzama.
UBabo uthembise ukugila izimanga esteji kwazise unezingoma ezintsha ezishisa izikhotha. Ngakho unxuse umphakathi waseThekwini namaphethelo ukuba ufike ngobuningi bawo uzombona ngamehlo eqhulula amanoni ezingoma zakhe ezingasoze zabuna.