UMACAPHUNAKUSALE oyisikhulu sezimayini uMnuz Jacob Mnisi, noGogo Rejoice Ntombenhle Zuma-Tembe, ngabanye abasolwa ngokuba yingxenye yabafuna ukwengamela Ingonyama Trust.
Basolwe nguMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, oshaye amakhala ngabo wathi ukuvumbuka kwabo ngoba bezama ukwengamela Ingonyama Trust, kushiya imibuzo. Ukhale nangenye yezinkampani zabammeli baseMpumalanga, athe seyengamele umhlaba wamakhosi ekubeni bengazi kulesi sifundazwe.
UButhelezi uphefumule ngalokhu emuva kokuthola izindaba zokuthi usehoxisiwe esikhundleni sikaNdunankulu kaZulu, yiMbube.
UMnisi waqala ukwaziwa kuleli ngesikhathi eshadelwa ngumculi wekwaito ongasekho ngo-2007, uMshoza yize bagcina behlukanisile ngo-2011, sebebusiswe ngezingane ezimbili.
UMnisi akukhona okokuqala evumbuka ezindabeni zaseNdlunkulu kaZulu. Uqale waba nobudlelwano neSilo esesibuzile, uZwelithini kaBhekuzulu ngemva kokuhlanganiswa ngumthandazi waseMpangeni, eMevamhlophe, uThulani "Dr 3 Seconds" Nkwanyana. UMnisi noDr 3 Seconds bahlanganiswa umdlalo wamankomane ngoba bobabili babengabashayi benqindi behlonishwa ngontanga yabo.
Labo somabhizinisi bagcine sebegqugquzela izimpi zesibhakela emazingeni ahlukene. Kubuye kwasuka umsindo ngoMnisi waphucwa imvume yibhodi lesibhakela kuleli ngoDisemba 2022, esolwa ngokwephula eminye imithetho. Eminye yayo kwaba eyokumema umpetha womhlaba uFloyd Mayweather, emqhudelwaneni iKing Misuzulu International Boxing Tournament.
Sekungumlando ukuthi umcimbi wahoxiswa ngenxa yezinye izinxushunxushu ezaqubuka. Nakuba kunjalo amabhokisa ayezokulwa, ayithola njengoba injalo imihlomulo yawo.
NgoJanuwari 2023, uMnisi wahoxa ekubeni yilungu lebhodi iNational Professional Promoters Association (NPPA), ekubeni ayeqokwe noJannie Hebler ngo-Okthoba 2022. Akukhona okokuqala uMnisi eyamaniswa nebhodi leNgonyama. NgoFebhuwari nyakenye uMnisi wahoxa eqokelwa esikhundleni sokuba ngusihlalo walo.
UMnisi waqokwa yiSilo uMisuzulu ukuba abe ngamehlo nezindlebe zaso. Igama lakhe lathunyelwa kowayenguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube. Kwathi sekulindeleke ukuba uNkk Dube-Ncube ahambise amagama abaqokiwe kobenguNgqongqoshe weziNdaba zoMhlaba nezoLimo kuleli, uNkk Thoko Didiza, uMnisi washaya ungqimphothwe.
Wenqaba ukuqokwa ngoba esola inhlese yokubandlululwa ngokobuzwe ngoba engesiye umZulu. Abanye basola ukuthi inkukhu yawusola umgqakazo kuMnisi. Wabona ukuthi kwakungeke kusabalula ukuhwebelana nebhodi uma eseyilungu lalo. IDaily News, enguzakwabo weSolezwe, yathola ukuthi Isilo besincamela uMnisi kunobengusihlalo webhodi phambilini, uJaji Jerome Ngwenya. Kepha amanye amalungu eNdlunkulu kaZulu ayengahambisani nalokho ngoba ekholelwa ekutheni uMnisi ufaka unyawo lwedada ngoba engowaseMpumalanga. Namakhosi ayehayiza, ekhala ngokuthi ayengaziswanga ngaphambi kokuqokwa kukaMnisi.
Ukukhala kwawo kwakufana nokuthela amanzi emhlane wedada ngoba iSilo noMnisi besekungamathe nolimu futhi sebehlale bebonakala emicimbini emikhulu, okubalwa nokuvulwa kweSishayamthetho saseKZN.
UNkk Zuma-Tembe akukhona okokuqala ephakanyiswa kuleli bhodi. Akukho okutheni okutholakale ngaye, ngaphandle kokuthi udume ngokuba ngugogo weSilo.
Ekhuluma nelinye lamaphephandaba aphuma nsuku zonke ngoFebhuwari nyakenye, wadalula ukuthi akasabuthi quthu ubuthongo ngenxa yezinsongo nokusatshiswa ayekuthola kwabanye abantwana baseNdlunkulu. Wathi waqala ukusatshiswa emuva kokuqokelwa kwiNgonyama Trust Board. Wathi wayetshelwa ukuba ahambele kude nebhodi kanye neNgonyama yamaZulu. Ngenxa yezinsongo uNkk Zuma-Tembe wagcina ehoxile.
UMntwana uMthokozisi wavuma ukuthi uyamazi uNkk Zuma-Tembe kodwa wayengasiyo ingxenye yabamsabisayo. UNkk Zuma-Tembe wake wahlela umcimbi wokwamukela uNkk Zandile Gumede, eCoastlands Umhlanga Hotel, emuva kokuqokwa njengosihlalo we-ANC esifundeni saseThekwini ngo-2015, kodwa akwangahamba kahle.
Ngokusho kweThe Mercury, ngebhadi izimenywa noNkk Gumede abalubhadanga, wacwila kanjalo uR150 000 owawukhokhelwe indawo. Umfowabo kaMengameli weMK Party, uMnuz Joseph Zuma, wayezobonga egameni lomfowabo kodwa naye akalubhadanga.
Abantwana basanda kukhalaza kwenye yezinkundla zokusabalalisa izindaba online, ngokuthi uNkk Zuma-Tembe uyaxova eNdlunkulu.
Ezinye zezikhalo, kwathiwa uhlukumeza iSilo, ulwa nonogada nezisebenzi zehhovisi leSilo. Kuthiwa akukhona okokuqala ethinteka emsindweni futhi uke wasolwa ngokuvimba uMntwana wakwaPhindangene, uDkt Mangosuthu Buthelezi, ukuba axoxe neSilo ngodaba lweNgonyama Trust.
NgoMeyi 2022 uButhelezi wacashunwa ekhala ngoNkk Zuma-Tembe ngokuthi akafuni ahlangane Silo. "Angimazi ngempela kodwa yena unamandla."
Kubuye kwavela nemibiko yokuthi usehamba ekhala ngokwakhelwa itulo lokubulawa emuva kokuvela kwezindaba zokuthi uqola osomabhizinisi abafuna ukuhlangana neSilo. Kuthiwa nakho ukuzibiza ngoGogo weSilo yinto engekho emthethweni ngoba uzibiza kanjena nje, yingoba uthi wayengumngani omkhulu weSilo uZwelithini kaBhekuzulu.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaMnisi ayiphumelelanga kuhlule ngisho esethunyelelwa umyalezo akazange awuphendule.
UNkk Zuma-Tembe uthe ngamampunge ukuthi ufuna ukwengamela ibhodi.
“Angiyona ingxenye yebhodi.”
Omunye umthombo oseNdlunkulu, ocele ukungavezwa, ufakazele uNkk Zuma-Tembe, wathi akwaziyo ukuthi iSilo samqoka ukuba aseluleke njengomuntu omdala.
UDr 3 Seconds ukuqinisekisile ukuthi nguye owethula uMnisi eSilweni esidala futhi bayazana nosomabhizinisi kodwa wathi kuyihaba ukuthi uqokwe kwibhodi.