ABAGQUGQUZELI bamaBasadi in Music Awards bathembisa lukhulu kwindumezulu yomcimbi oseJoburg Theatre eGoli namhlanje ngo-7 ebusuku.
Isikhulu salo mqhudelwano wezindondo, okuhloswe ngawo ukuqhakambisa amaciko asemculweni, uHloni Modise Matau, sithe bayaziqhenya kakhulu ngohlu lwamaciko anohlonze abawabophele kulo mcimbi.
Uthe umcimbi wakulo nyaka uqukethe izaqheqhe zodwa ezenza ukubungazwa kwabesifazane ababambe iqhaza emculweni kube ngokuseqophelweni oluphezulu.
Isikhulu esisabambile kwaSABC 2, uJacqui Hlongwane, sithe kubajabulise kakhulu ukuba isiteshi sabo sinikezwe umsebenzi wokusakaza amaBasadi in Music Awards.
Uthe bachazekile ngohlu lwabazonandisa kulo nyaka abazobe belukhombisa emakhaya.
Phakathi kwamaciko azobe eshiyelana inkundla kubalwa uNadia Nakai, Skye Wanda, Naledi Aphiwe, Chubby Cheeks, Busiswa, Pixie Whip, Bassie, Nontokozo, Amanda Black, DJ Kmat, Lady Zamar, Rethabile Khumalo, Mmatema noLady Du.
Uhlelo lwalo mcimbi luzobe luphethwe wu-Unathi Nkayi.
Ngaphandle kwamaciko azoklonyeliswa ngenxa yokuvotelwa kakhulu ngabalandeli, kunamavulandlela esifazane azochonywa uphaphe lwegwalagwala ngenxa yamagalelo awo emculweni.
Kuwona kubalwa uDJ Zinhle ozobungazwa ngendondo yeTrailblazer Award noLinah "Ebony" Khama-Ngcobo benoMercy Pakela abazohlonishwa ngomklomelo weLifetime Achievement.
Emacikweni azobe edlana imilala kukhona uNomcebo Zikode, Makhadzi, Kamo Mphela, Tyla, Lwah Ndlunkulu, Kelly Khumalo, Jessica Mbangeni, Sneziey, Xolly Mncwango, Thembi Seete, Nhlanhla Mafu, CiCi, Zee Nxumalo, Londiwe KaMasondo Cele, Nkosazana Daughter, Swazi Dlamini, Nomfundo Moh, Anele Mdoda, Mpumi Mlambo, Bontle Modiselle, Nomalanga Shozi, Mroza Buthelezi, Thandi Ntuli, Shekhinah, Fifi Cooper, DJ Happy Gal, Brenda Mntambo nabanye.
Yize lo mcimbi unamuhla kodwa uzosakazwa kuSABC 2 ngo-Agasti 18 kusukela ngo-8.30 ebusuku.