Emuva kokunyamalala isikhashana uMnuz Khanyisani Phungula ongusomabhizinisi wemfuyo, uqhamuke esexolisa enkundleni yezokuxhumana uFacebook, ngokunyamalala kwakhe.
Uveze ukuthi izinto azihambanga njengokuhlela kwakhe esithenjini sakhe nokwaphoqa ukuthi ahlabe ikhefu ukulungisa izinkinga zakwakhe.
“Angikakabuyi kodwa ngibone kungakuhle ukuthi ngizoxolisa ngokunishiya nilenga ekhasini lethu. ULebo wasishiya emuva kokujola nomlisa waseHammersdale kanti manje uthandana nomunye wesifazane. UMichelle wasishiya naye ngoba esebonile ukuthi isithembu akuyona into yakhe, savumelana ngokuhlukana. Ngisele noMaMkhulu okunguyena esakha naye umucebo wethu futhi esikhulisa naye izingane,” kuchaza uPhungula.
Uthe uMaMkhulu umkweleta ngempilo yakhe yonke, ngoba ngisaphila namhlanje kungenxa yakhe.
Uqhube wathi kuningi osekukhulunyiwe kodwa akafuni ukugxila kukona, bayabaxolela labo abebephambili ekukhulumeni izinto ezingezinhle ngaye.
Uphethe ngokuthi kuningi osekushintshile empilweni yakhe, nokuyinto abantu abazozibonela yona uma kuhamba isikhathi.
“Angeke ngisaba mningi kule nkundla njengakuqala futhi bavumelekile abafisa ukulishiya leli khasi. Siyabonga kwabazosala sithembisa ukuthi sizoqhubeka nokuxhumana lapho sikwazi khona,” kuphetha uPhungula.