KUBE usuku olumnandi kabalaleli bohlelo lwasekuseni iKaya 959 Breakfast kuboshelwa izilomo zabasakazi asebenamava.
Namhlanje uSol Phenduka usakaze noSizwe Dhlomo ohlelweni lasekuseni njengoba uDineo Ranaka engazwakali kusukela ngoMsombuluko. Izolo, omunye wabasakazi abenza lolu hlelo, uDineo, uveze ukuthi ubhekene nesikhathi esinzima okwamanje.
Umsakazo ubusushicilela isitatimende, umemezela ukuthi uSizwe nguyena ozongena kwesikaDineo ayibambe noSol. Kulesi sitatimende kuvele nokuthi njengoba ngoMsombuluko, uDineo engazange alubhade emsebenzini kusolwa izizathu eziphathelene nokubonakale ekunameka ezinkundleni zokuxhumana. Kuzokhumbuleka ukuthi izolo, kuthinteke abaningi uDineo eveza ukuthi ulwa nomuzwa wokuzibulala, waveza nokuthi uyazama ukulwa nakho nezingqinamba ahlangabezana nazo empilweni.
Uhlelo lokuqala lwalezi zinsizwa lushayelwe ihlombe, abantu bencoma nangendlela abanikezelana ngayo inkulumo. Nokuzokhumbuleka ukuthi abalaleli abaningi bebenokushaya amakhala ngoDineo, bemsola ngokungamniki ithuba lokuphawula elanele uzakwabo uSol.
"Ngiyabonga Sol noSizwe ngohlelo olumnandi, manje sengingayilalela usuku lonke iKaya 959," kusho uNoah Gary Kekana.
"Ngaqala ukulalela iKaya 959 ngenxa kaSol manje sengithathekile," kusho uSbongakonke.
"Kuboshelwe abantu abasinekeza lokhu okufunekayo," kuncoma u-Anathi.
"Sizwe noSol uhlelo luhle kakhulu," kusho uNamba.
Abalaleli bayaqhubeka nokweseka uDineo bathumela nemiyalezo yothando ebheke kuye njengoba ebheke nesikhathi esinzima.
"Ngimfisela konke ukwelulama, uNkulunkulu amuphe amandla adlule kulesi sikhathi esinzima," kusho uModise Eugene Modibedi.
"Ngimfisela ukwelulama ngokushesha, uqine Dinny kuzodlula," kusho u-Onica.
IKaya 959 icele ukuba anikezwe isikhathi uDineo njengoba ebhekene nalobu bunzima.