UMCULI waseNanda, uLizwilenkosi "Lizwi Wokuqala" Mtshali, uhambe emhlabeni ezokhipha icwecwe lakhe lohlobo lwe-EP elisihloko lithi Gamelihle ngo-Agasti 9.
ULizwi Wokuqala ushone ngesikhathi yena nozakwabo uMalome Vector kanye noPuleng Phoofolo bevelelwa yingozi yemoto eFree State ngoLwesithathu.
Kwabakhale kakhulu ngokudlula emhlabeni kukaLizwi Wokuqala ngumculi weBlaq Diamond, uNdumiso "Ndu Browns" Mdletshe, othe okubuhlungu kakhulu ngaleli qhawe wukuthi lihambe ikhono lalo lingakaziwa emhlabeni.
"Kubuhlungu. Ngikholelwa ukuthi bese kuyithuba lakhe lokuthi aqhakaze, akhombise umhlaba ukuthi mkhulu kangakanani. Ukusishiya kwakhe kuvusa imibuzo eminingi engqondweni yami ukuthi uNkulunkulu ubakhetha kanjani abantu okufanele abathathe," kubalisa uNdu Browns.
Nozakwabo uSiphelele "Danya" Dunywa uthe "intwana beyisizoba nesikhathi sayo kodwa bayiphuca iqatha emlonyeni".
ULizwi Wokuqala waphothula uGrade 12 eDumanikahle High, eMelmoth ngo-2019 ngaphambi kokuyofunda eDurban University of Technology.
Ubengaphansi kwenkampani kaMalome Vector abesanda kuyisungula.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo eFree State, uMnuz Sipho Towa, ucashunwe kuSABC News esiqinisekisa isigameko.
Uthe imoto encane ebihamba umufi nozakwabo ishayisane nenkulu emgwaqweni owuthelawayeka uN1.
UTowa uthe umufi ubeqhamuka ngaseGauteng, elibhekise eBloemfontein. Uthe bebebahlanu emotweni, okubalwa noMalome Vector kodwa kwafa ujuqu abathathu, kwathi ababili baphuthunyiswa esibhedlela kukubi."
Okunye okuvelile ukuthi la maciko avelelwe yilo mshophi elibangise ukuyoqopha i-video yengoma kaMalome Vector eLesotho.
UMalome Vector wazakhela udumo eNingizimu Afrika ngokubamba iqhaza engomeni kaMiss Pru, ayepike kuyo neqembu laseMnambithi iBlaq Diamond, eyayisihloko sithi Price To Pay.
UMalome Vector wazalelwa eLesotho kodwa ufike eGoli ngo-2019 ngenhloso yokuthungatha amadlelo aluhlaza. Umucu owamvulela indlela ngothi Karabo ngo-2020 ngaphambi kokuthathwa yinkampani eyavumbulula abaculi abanjengoSjava, eMtee noFifi Cooper.
UMalome Vector wazithola esesebenza nabaculi abanjengoWave Rhyder noCassper Nyovest.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela kungakatholakali ukuphawula komndeni kamufi mayelana nezinhlelo zomngcwabo.