BASAKHUNGATHEKILE abantu ezinkundleni zokuxhumana emva kokuthi indodana kasaziwayo ikhiphe ingoma ekhuluma ngoyise ongayizali. Indodana kaSophie Ndaba Lichaba, uLwandle Ndaba, eyaziwa ngelika-Ocean L emculweni, ikhiphe ingoma ethi My Stepfather. Ingoma itholakala kwiYoutube, ikhuluma ngendlela u-Ocean L azizwa ngayo ngoyise ongamzali, abantu abaningi abakholwa wukuthi ucula ngomyeni kanina uMax Lichaba. Iningi labantu lizwakalisa ukuzwelana noSophie ngokuphuma kwengoma.
Ingoma ichaza uMax njengomkhohlisi, isiphingi nomuntu wesilisa ongenalo iqiniso, osebenzise unina ukuthola udumo namadlelo aluhlaza. Akagcini lapho ukhuluma nangokuthi unina ubebekezelela nokuhlukunyezwa ngoba uyise ongamzali wubebuye ambeke isandla, okukhathaze abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana ngenxa yesimo sempilo yakhe. Kwenzeka konke lokhu nje kusekhona namahlebezi athi izinto kazihambi kahle phakathi kukaSophie noMax, okunezinsolo zokuthi bayahlukanisa. U-Ocean L ukubeka kucace ukuthi emshadweni kanina kalukho uhlobo lwenkinga angakaze abhekane nayo. "Ushiye unkosikazi wakho emanxebanxeba emzimbeni. Angisoze ngalikhohlwa ilanga umshaya ngoba uphinge nomngani wami ongamzala, (ngokweminyaka)" kusho izinhlamvu zengoma.
Ukuphuma kwengoma kuvele kwagcwaliseka kwabaningi ebebevele bekusola ngesimo sikaSophie ezinkundleni zokuxhumana. U-Ocean L engomeni uzwakala ekuhlanza konke okungaphakathi kuye ngokwenzeka empilweni kanina, okugcina kuthikameza bona. Uveze nokuthi konke okuthintwa nguMax kuyonakala ngenxa yokuba ngumuntu amchazayo.
"Kumele nilazi iqiniso ngale ndoda. Usteptfather wami ungusathane, uyathatha, abulale. Uphulana umoya, bese ekhohlisa kukhona konke akwenzayo,"kusho u-Ocean L engomeni yakhe. Selokhu kuphume ingoma abantu kabawuvali umlomo, babodwa abakhala ngokuthi izinkinga zasemshadweni ziyaba nomthelela ekukhuleni kwengane, okwenza ezinye izingane zigcine ziba nokhwantalala zincane.