UMCULI waKwaDukuza okhishwe kwi-Idols SAngeSonto, uSthembiso "Ceejay Canvas" Ntshangase, uthi usezinhlelweni zokukhipha ingoma entsha.
UCeejay uphume kwabayisishiyagalombili abahamba phambili njengoba sekusele abayisikhombisa.
Uthe akananxa ngokukhishwa kwakhe ngoba uyakuqonda ukuthi wumncintiswano. Ukhishwa nje ubengaqali ukungenela lo mncintiswano njengoba eke waba yingxenye yawo eminyakeni edlule.
"Bengingaqali futhi ngeke ngisakwazi ukubuyela manje ngoba umthetho womncintiswano uthi uma uphume kwabangu-10 abaphambili awukwazi ukuthi ubuye ngisho usuthanda," kusho uCeejay.
Uthe unethemba lokuthi udumo alutholile luzoba yisisekelo sempumelelo yakhe emculweni ngoba yiyona nto afuna ukuyenza.
"Nginesifiso sokuthi kuvuleke iminyango eminingi ngokufinyelela esigabeni engibe kuso. Njengamanje ngisebenza nomngani wami, uNhlaka Canvas, engizishayela naye i-Afro Pop kodwa sibuye sishaye amapiano kancane. Ngivulelekile kodwa ukuthi ngisebenze nanoma iyiphi inkampani engifunayo kodwa kumele kube yinkontileka egculisayo. Ngeke ngisayine noma yini," kuchaza uCeejay.
Ubonge uNhlaka, wathi ubengomunye wabantu abebephusha umkhankaso wokuthi avotelwe.
"Anginaso isiqiniseko kodwa ngathi bebelekelelwa nawumasipala ngoba ngake ngabona isikhangiso esinesithombe sami nesithombe semeya. Kubantu abangithandile ngifuna bazi ukuthi akuphelile ngoCeejay Canvas kodwa kuseyisiqalo. Iphupho lami ngukwenza umculo. Ngangifuna ukugqama ngokuya kwi-Idols futhi ngiyacabanga ukuthi kungasebenzeka ngalaba balandeli engibazuzile. Kuningi okuzayo, ngizokhipha ingoma ngenyanga ezayo. Ngizoziphushela izinto ngingedwa bese ngiyabona ukuthi ngubani engingasebenza naye mhlawumbe sikhiphe i-EP (extended play)."
Uthe kuningi akufundile kwi-Idols SA ngokuthi umculi uziphatha kanjani ngoba bebehlala beba nezingqungquthela zomculo.
"Ngifundile nokuthi uma ucula esiteji kumele wenzenjani. Kumele abantu bazi ukuthi sekungena uCeejay manje."
Uthe kwasebesele, ufisela uTy Loner ukuthi anqobe.
"Nguyena umuntu ebengisondelene naye bese ngimthatha njengomfowethu. Besindawonye ngaso sonke isikhathi, singabangani abakhulu," kusho uCeejay.
Njengamanje iKwaZulu-Natal imelwe wuNoxolo noNozi baseThekwini.