UMCULI owazakhela udumo enqoba umncintiswano ama-Idols SA, uNoma Khumalo, uthi usenolwazi olunzulu lomculo kunaphambilini.
UNoma (25) wanqoba ama-Idols ngo-2016, wabe esekhipha i-albhamu yakhe yokuqala iJoy engadumanga kangako.
“Ngaleso sikhathi nganginengcindezi yokuthi ngikhiphe. Angisitholanga isikhathi sokuthi ngidlinze kahle ngezingoma engangizenza nokuxhumana kahle nabantu engangisebenza nabo. Kwakungekho kuhle. Kwakuwukungena estudiyo wenze uphume. Uma usebenza kumele kube nokuxhumana okuhle,” kusho uNoma.
Uthe manje usekhulile futhi ubona kuyisikhathi esihle sokukhuza ibuya ngomculo omusha.
“Ngihlabe ikhefu ngafunda ngomculo enkampanini engiqopha kuyo entsha, iBluewave Music. Phambilini kwakuba yimenenja eyenza yonke into kodwa manje ngiyafundiswa ukuthi izinto zenziwa kanjani,” kuchaza uNoma.
UNoma uqhube wathi ugxile emculweni, sewakuyeka ukufundisa ayekwenza ngesikhathi engena kuma-Idols.
“Ngikhipha umculo omusha. I-albhamu izophuma ngoMeyi noma ngoJuni,” kusho yena.
Uthe le albhamu uyendlalela ngengoma ehamba ngayodwa ethi Libhaliwe ebhalwe nguLinda Gcwensa futhi yadidiyelwa nguMondli Ngcobo.
“Yingoma ekhuluma ngothando. Ngiyaluthanda uthando. Ingoma ikhuluma ngabantu abasothandweni olungapheli. Uthi omunye noma bethini abantu kodwa uzohlale emthanda omunye,” kusho uNoma othe naye usothandweni kodwa wangafuna ukwenaba.
Uphethe ngokugqugquzela abanethalente ukuthi bangesabi ukungenela ama-Idols. Inhlolokhono iqala ePitoli ngoJanuwari 26 kanti eThekwini izoba ngoFebhuwari 9.
“Amaphupho ami aqala ekilasini ngifundisa izingane ngase ngithatha igxathu. OShekhinah no-Amanda Black bonke baqala khona ngakho ngingamgqugquzela umuntu ukuthi angenele. Isikhathi sisekhona ukufeza amaphupho.”