ISILOMO somculi kamaskandi, uMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele, sithi sifuna ukuhlala njalo sisematheni, yingakho sikhipha i-albhamu entsha, sishintsha nesitayela negama.
Igcokama ngoDisemba likhiphe i-albhamu yalo ethi Ozankosi eyayinengoma eyayishisa izikhotha ethi Jessica.
Lithe lizozibiza ngeNdlabeyiphika uma esekhipha. Kulezi zinsuku lilokhu lifaka ezinkundleni zokuxhumana ukuthi lukhulu luyeza.
“Angisiyena umuntu okhonze ukukhipha njalo njengabaculi bakudala. I-albhamu kaMthandeni entsha ngiyoze ngiyikhiphe ngonyaka ozayo. Kodwa Indlabeyiphika, yiqhinga lami lokuthi ngibe sematheni abantu maphakathi nonyaka,” kusho Igcokama.
Igcokama liqhube lathi njengoba lizoba yiNdlabeyiphika nje, lizobe licula ngendlela eyehlukile kunaleyo abantu abayijwayele.
“Kuzoba sengathi kucula omunye umuntu ngoba ngicula ngomunye ushuni omusha. Akwandele bani ukuba nethalente elinjengelami. OKhansela noMgqumeni babekwenza kudala,” lisho kanje.
Lithe futhi nanendlela elizobe ligqoka ngayo izobe ihlukile kakhulu.
Igcokama lithe kwi-albhamu yalo entsha, ezophuma ngo-Ephreli, likhuluma ngezingqinamba eledlule kuzo eminyakeni eyedlule.
“Umsebenzi wami ebengiwenza emakhaya koNquthu, Nkandla, Maphumulo nakwezinye izindawo ungikhombisile ukuthi abantu bangithanda kanganani. Ngisho intsha igqoka njengami. Umhlaba wonke ukhombisile ukuthi Igcokama lithandwa kanganani ngaphezu kokukhulunywa ngabantu emaceleni. Indlabeyiphika yinto abantu abayithandayo kodwa bayisebenzise ngasese. Ngisho abasakazi nabahleli bemicimbi Igcokama bayalithanda kodwa uma uphumela obala ubhekana nezinkinga eziningi. Vele kunjalo, isihlalo sobukhosi siyashisa,” kuchaza Igcokama.
Lithe lisazoqhubeka nokusebenza nabaculi bezinye izinhlobo zomculo njengoba lenzile nyakenye licula engomeni kaDJ Boonu ethi Uswidi Wodwa.