INTOKAZI yaKwaMashu, uNomzamo Mbatha ithi yasebenza kanzima ilungiselela indawo ka-Alexa, ayilingisa efilimini yaseMelika, i-Assassin.
Le filimu iqale ukukhonjiswa namhlanje kuShowmax. Phambili kulingisa uBruce Willis, kanti besekuyifilimu yakhe yokugcina ukuyiqopha ngoba esabanjwe wukugula.
Ekhuluma ngokuba yingxenye yefilimu, uNomzamo uveze ukuthi ukuba sefilimini egcwele izigemegeme yinto akade ayeyifisa njengoba kuyona yonke imidlalo aseke waba kuyo, ibifana.
“U-Alexa uyintokazi elahlekelwa umuntu ethandana naye nosemizamweni yokuthi amthole. U-Alexa kukhona konke, umuntu wakhe umfuna ephila noma engaphili. Ngakho usohambweni olungelula nezigelekeqe eziyingozi okuyizona okumele abhekane nazo.
“Engikuthandile ngale filimu ukuthi bekungekho ukuphumula, besihlala simatasa ngezigameko ezahlukene nokuyinto engiyifundile kuyo. Ngaba nokujabula ngithola le ndawo, ngosuku lokuqala ngifika lapho ngihlala khona, ngabhala izinto ezibalulekile okungamele ngizikhohlwe.
“Nganginovalo futhi ngithukile ngenxa yokuthi ngiyohlangana nabalingisi abadume umhlaba wonke,” kuchaza uNomzamo.
Uthe kuye kusho lukhulu ukulingisa emafilimini amabili manje ase-USA, nokuthi kube nguye yedwa owakuleli, omele izwe.
“Ukuhlangana nabantu abanjengoBruce Willis kungikhombise ukuthi babaphatha kanjani abanye abantu. Ungumuntu onobuntu kakhulu ngakho ungithintile yize ngisebenze naye sekuyifilimu yakhe yokugcina.
“Ngiyabona ngihamba ngendlela okuyiyona yokufeza amaphupho ami nokuyiyona eyangisusa ekhaya. Kufezeka izinto engangicabanga ngazo ngisangena kulo mkhakha.
“Ukuba emazweni angaphandle kubalwa naseHollywood, lapho kufezeka khona amaphupho ahlukene kungenza ngithobeke kakhulu, umsebenzi wami uzikhulumela wona manje, ngakho ngijabule kakhulu,” kuchaza yena.