USOBISHINI umaskanda obandakanyeke engozini yemoto edlule nemiphefumulo yabantu abathathu eVryheid ngeSonto ebusuku.
UMthandeni ‘Igcokama Elisha’ Manqele wehlelwe yingozi ephuma kocula emcimbini obuseJozini eMkhanyakude. Lo mculi wehlelwa yile ngozi nje nguye obeshayela itekisi yakhe iQuantum ebilayishe amagidangoma akhe ayisithupha.
Oyimenenja yeGcokama uVusi Leeuw ukuqinisekisile ukuthi lo mculi ubeshayela itekisi ebilayishe abantu ngaphandle kwePrDP (Professional Drivers Permit) Licence, okuyimvume ekugunyaza ukuba ushayele itekisi enabagibeli.
“Igcokama alisiye usomatekisi ohambisa abantu zinsuku zonke kodwa belizishayelela itekisi yalo. Asikho isidingo sokuthi lize libe nePrDP ngoba belihambisa abantu abambalwa nje. Lokhu kufana nokuthi umuntu azithengele itekisi yomndeni. Sekungadingeka aze abe nePrDP ukuze ashayele imoto yakhe?” kjubuza uLeeuw.
Uthe njengamanje lo mculi usesibhedlela lapho exilongwa khona ngodokotela.
“Egameni leGcokama nakubaphathi balo sicela ukudlulisa amazwi enduduzo emindenini yamalungu asishiyile emhlabeni. Sithi akwehlanga lungehliyo,” kusho uLeeuw.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Thulani Zwane usekuqinisekisile ukuthi ingozi yenzeke ngoMashi 5 ngo-7.55 ebusuku. Uthe kunemoto eshayisane netekisi ebishayelwa yiGcokama Elisha emgwaqweni uLouwsburg.
“(Kule ngozi) kufe abantu abathathu kwathi abanye balimala kabi. Amaphoyisa aseHlobane amatasatasa aphenya icala lokubulala ngokungenhloso nangembangela yengozi.” UZwane uthe akafuni ukuphawula ngezinye izinsolo ngenxa yokuthi lolu daba selusezandleni zamaphoyisa.
Okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Kwanele Ncalane uthe akekho umuntu ovunyelwe ukushayela imoto ethutha umphakathi ngaphandle kwemvume ebizwa ngePrDP, eyayaziwa ngePDP kudala.
“Usuke uphule umthetho uma ushayele imoto ungenayo le mvume. Kufana nokushayela iloli ungenayo imvume yalokho usuke uphule umthetho. UNgqongqoshe * (Mxolisi) Kaunda uzwelana kakhulu nemindeni elahlekelwe futhi ufisela nomaskanda ukwelulama okusheshayo.”
Esephetha uthe bazohlela nabeRoad Accident Fund ukuthi bazongcwatshwa kanjani abashonile.
Imizamo yokuthola iGcokama igcine ingaphumelelanga njengoba ucingo lwalo belukhala lungabanjwa.
Lo mculi wehlelwa yile ngozi nje ubesanda kuyithenga itekisi yakhe neFortuner.