NGUWAFAWAFA emacikweni omculo wesintu njengoba ebanga uR10 000 emqhudelwaneni, i-Ezakithi Indigenous Music Competition eseBat Centre, eThekwini namhlanje ngo-5 ntambama.
Kulo mncintiswano kuzobe kuvovana inkani abaculi abayisithupha abakhethwe ngesikhathi bengenele lo mncintiswano ngama-video ekhasini le-Ezakithi Music Outreach ezinyangeni ezedlule.
Abazobe bebhekene nokwahlulela abaqhuthana amakhizane ngosolwazi emkhakheni womculo base-University of Zululand, uBhekani Buthelezi noSandile Vilakazi.
Umgqugquzeli nomsunguli we-Ezakithi Homestead of Culture, uMzamo Mkhize uthe inhloso ngalo mcimbi ngukuqhakambisa amasiko ezizwe ezihlukahlukene zase-Afrika.
“Sifuna ukugqugquzela abantu abasha ukuba bangawalahli amasiko. Sifuna bazi ukuthi umculo wethu uyadlisa futhi uwumsuka wethu, ngakho bengawubukeli phansi.”
Uthe lo mcimbi uzoqala ngenkundla yokucobelelana ngolwazi lapho abaculi abasafufusa bezobe befukulwa ngolwazi ngongoti kulo mkhakha, okubalwa kubo, uThando Nyameni, oyisikhulu seKumisa noSphe Mbhele weThe Music Imbizo.
UMzamo uthe amaciko azobe ecijwa mahhala phakathi kuka-12 emini no-4 ntambama.
“Sifuna abaculi abasafufusa bazi kabanzi ngebhizinisi lomculo ukuze bavikele iziphiwo zabo,” kuphetha uMzamo.
Izithameli ngeke zigcine ngokubukela umqhudelwano wabaculi nokucotshelelwa ngolwazi kodwa zizobuye zizitike ngezingoma zikaNjoko noLizwi M kanti uhlelo luzobe luphethwe ngobeyisilomo soKhozi FM, uNgizwe ‘Zulu Charmer’ Mchunu.