LUZOGQAMISA ubunzima, ubuhle nobubi adlule kubo umsunguli wesitebela, i-Afrotainment, eseThekwini uhlelo oluzosakaza iziqephu ezintathu kuphela, i-Afrotainment: Sgubhu SaseDubane.
Lolu hlelo luzoqala ukukhonjiswa kwi-Channel O (DStv Channel 320) ngoMgqibelo ngo-12.30 emini.
Luzobe seluphinda ngoLwesine ngo-9 ebusuku nangeSonto ngo-4 ntambama.
Ekhuluma ngalolu hlelo uMthokozisi Khathi, odume ngelikaDJ Tira, uthe luzoqala emuva luveze la azalelwe khona KwaHlabisa kuze kufike manje njengoba esedumile.
“Lezi ziqephu ziveza okuhle nokubi, okumnandi nobunzima engidlule kubo kule ndima yomculo. Kuzovela izinto ezingamaqiniso, ezingakaze zezwakala ngaphambilini nezenzeka kusungulwa isitebela namanje njengoba sikhona. Yisitebela lesi esikhiqize abaculi abahlukene okukhona kubo abekwaito, qqom ne-house. Ngizoxoxa ngephupho enganginalo ngiwumfana kwaze kwaba ngisebenza nabaculi nosaziwayo okukhona kubo uTipcee, Zodwa Wabantu noDladla Mshunqisi,” kuchaza yena.
Uthe kuzovela nezinye izindaba ezehlukene ezenzeka ngesikhathi benyuka befuna udumo.
“Ngingasho ukuthi singesinye sezitebela ezinkulu, ezithathe umculo kuleli zawubeka ezingeni eliphezulu njengoba sihlabane nangezindondo ezihlukene futhi saphinde saqokwa nasemicimbini emikhulu.
“Ngeke siyikhohlwe kalula ingoma ye-Big NUZ ethi Umlilo engiyingxenye yayo, eyathola indondo yengoma yonyaka emcimbini ama-Sama, kwathi ingoma ye-Teargas ethi Party 101, nayo engiyingxenye yayo, yaqokwa emcimbini ama-Channel O emkhakheni we-Video of the Year ne-Song of the Year ngo-2010 kumaSama,” kuchaza yena.
Uthe kuningi okumele bakuqhakambise, okujabulisayo ukuthi bathole uhlelo olufana nalolu la bezovula khona izifuba zabo.
Khonamanjalo, kulo nyaka imicimbi ehlelwa ngu-DJ Tira, i-Fact Durban Rocks neGumba Fest, useqinisekisile ukuthi izoba ngoDisemba 31 eThekwini naseRichards Bay.
Kubaculi abazobe bekhona kubalwa i-TKzee, Mawhoo, Professor Langa, Dlala Thukzin noZee Nxumalo.