KUZOSHUBA emdlalweni Uzalo njengoba kulindeleke ukuthi kutheleke ubuso obusha ngemuva kokuqala kwesizini entsha yomdlalo.
Isizini entsha yesishagalolunye njengoba iqala kubonakale abalingisi abasha okukhona kubo noBhekisizwe Mahlawe olingisa indawo kaPrince.
Maduzane kuzobonakala uNoluthando Meje, ozolingisa indawo kaZola, noMenzi Nqobi ozolingisa ekaThalente abazofika kulo mdlalo njengabaseshi abaseqophelweni eliphezulu.
Umthombo weSolezwe uveze ukuthi uZola ungowesifazane omuhle, odonsa amehlo abantu besilisa noma kuphi lapho ekhona.
“Akayena umuntu ongeneka kalula futhi akulula ukuthi umenzise noma yini njengoba enekhanda eliqinile. Njengoba engumseshi nje uyise naye uyisikhulu emaphoyiseni kodwa kukhona ukungezwani phakathi kwabo, okwenza uZola ahlale ezinikele emsebenzini wakhe efuna kubonakale ukuthi abantu besifazane bayakwazi ukwenza umsebenzi ovame ukwenzia ngamadoda kuphela. Konke akwenzayo ufuna ukukhombisa ukuthi abantu besifazane bangenza noma yini,” kusho umthombo.
Uthe yize uZola kubukeka ezinikele emsebenzini kodwa uyadinga ukuthi ake awukhiphe kancane emqondweni njengoba efisa ukuthola umuntu azomthanda.
“Le ntokazi izobe ikhuluma ulimi lwesiXhosa, okuzothi kungezinsuku ezingakanani ijoyinwe wuzakwabo uThalente ozobe ezoyenzisa umsebenzi wophenyo lwemali eningi etholwe endlini yakwaNjomane. UThalente yena wumuntu othulayo kodwa uhlakaniphile,” kuchaza umthombo.
Uveze ukuthi uPrince, useqalile ukubonakala emdlalweni lapho eyiphanta elenza noma yini ukuthola into eliyifunayo futhi manje usothandweni noMrs Madlala.
Maduzane nje uNompilo Maphumulo (Nosipho) noMenzi Biyela(Pastor Gwala), bazovalelisa kulo mdlalo.
UNomfundo Zondi weStained Glass ukuqinisekisile ukuthi kuza ubuso obusha emdlalweni obuzoqala ukuvela ngenyanga ezayo.