KUZOKHONJISWA amafilimu ngempilo yezingwazi ezidabuka eMnambithi, okunguSolwazi Joseph “Mshengu” Shabalala nomlingisi uMenzi “Ngubs” Ngubane kuGu Film Festival, ePort Shepstone kuleli sonto.
Ifilimu, ekuthatha ikubeke ngempilo yomsunguli weLadysmith Black Mambazo, izovula umkhosi wamafilimu oqala eMargate Sands Hotel, ePort Shepstone, kusukela ngoLwesine ebusuku, uze uphothulwe ngoMgqibelo. Leli qophamlando, elingempilo elisihloko sithi Music Is My Life futhi eliqondiswe wuMpume Dube likususa phansi ngempilo kaMshengu kusukela esungula aMambazo kuze kufinyelela lapho sebengompetha bomhlaba, ikakhulu kumaGrammy Awards.
Ngokusho kwesitatimende esithunyelelwe abezindaba leli dili lamafilimu lizogxila ekuhlonipheni nasekugubheni ikhono lezobuciko namagugu aqhakambise isifundazwe iKwaZulu-Natal emhlabeni jikelele.
"Lokhu kuzokwenziwa ngenhloso yokuvuselela nokutakula imboni yamafilimu kuleli esathwele kanzima emuva kokukhahlanyezwa komnotho wubhubhane iCovid-19."
Leli dili lizoba bukhoma eShelley Beach Ster Kinekor Cinema kusukela ngoLwesine ngo-Okthoba 20. Imbenge yoGu Film Festival izosongwa ngokukhonjiswa kweqophamlando ngempilo yomlingisi wodumo kuBambo Lwami neKwakhalanyonini, uMenzi Ngubane. Le filimu esihloko sithi The Life and Times of Menzi Ngubane iqondiswe wuNtokozo Mahlalela ngokubambisana nomndeni waleli qhawe ngenhloso yokugubha amagalelo kaMenzi endimeni yamafilimu. Kube wumqondo womqondisi omusha woGu Film Festival, uNksz Zanele Nhlapo, ukubona imboni yamafilimu ithuthuka emuva kweCovid-19, ikhula futhi iletha izinguquko ngokuqhakambisa ikhono elivutshelwe kuleli. UNksz Nhlapo uthe yilukuluku lokubona umnotho uvuseleleka ngemboni yamafilimu okubenze bawuhlela kanje umkhosi walo nyaka.
"Ayikho indlela engcono yokwenza lokhu eyedlula ukukhombisa imisebenzi evutshelwe kuleli ukuqhakambisa ubuciko bethu njengabantu baseNingizimu Afrika. Ifilimu yokuvula neyokuvala kuhloswe ngawo ukuvuselela ugqozi kubadidiyeli nakubathandi bamafilimu abasale bezikhotha amanxeba emuva kwezigigaba zobhubhane lweCovid-19 nokuheha ukutshalwa kwemali embonini yakuleli yamafilimu." Eqhuba uNksz Nhlapho uthe bafuna ukubuyisa ithemba nokunonophalisa imboni yamafilimu, nakholelwa wukuthi umbukiso walo nyaka uzoklama indima ebheke empumelelweni. Esephetha uNksz Nhlapho ubonge wanconcoza kubalingani abambisene nabo. "Siyabonga kakhulu kwiKZN Film Commission noGu South Coast Tourism ngokukholelwa nasekutshaleni embonweni wethu."
Ephawula oyisikhulu seKZN Film Commission, uNksz Jackie Motsepe, uthe ukwenziwa kwemikhosi yokugqugquzela ababukeli kumqoka ekukhuthazeni isiko lokubukelwa kwamafilimu avutshelwe kuleli.
"Kubuye kunikeze abenzi bamafilimu inkundla yokubhekela isasasa lababukeli emisebenzini yabo."
UNksz Motsepe uthe le nkundla inikeza amava abadidiyeli bamafilimu abasacathula ukuba babone futhi bakhuphukele ezigabeni ezinjengeDurban International Film Festival. Uthe bagunyazwe ukuba benze iKZN isizinda sokukhiqizwa kwamafilimu. Oyisikhulu seSouth Coast Tourism and Investment Enterprise, uPhelisa Manco, uthe indawo eseningizimu yoGu lwaseKZN seyiphenduke inyama kubadidiyeli bezinhlelo zethelevishini nakubadidiyeli bamafilimu.
"Lokhu akugcini ngokudala amathuba emisebenzi nokufukula umnotho kuphela kodwa kwenza nabantu bakwamanye amazwe bathole ithuba lokuzibonela ubuhle bezindawo zalapha ezingamagugu . Thina sijabule kakhulu ukwamukela lo mcimbi waminyaka yonke ofukula imboni yakuleli yamafilimu,“ kuphetha uManco.