IZOKWETHULWA uLawrence Maleka isizini yesibili yohlelo lwentsha ethungatha abantu ezothandana nabo, iToo Hot to be Single.
Lolu hlelo olushaye ibuya kuSABC1 ngoFebhuwari 1, ngo-9 ebusuku.
Kulona kusazobonakala kusentshenziswa indlela yesimanje ukuthola umaqondana.
Ukusebenzisa izinkundla zokuxhumana ukubheka izinto ezihlukene ngalabo abafuna ukuba sothandweni yikhona okuzoba seqhulwini kulokhu.
ULawrence uthe kuyamjabulisa ukulokhu eqhubekile nokwethula lolu hlelo njengoba selokhu lwaqala uyena osiza intsha ngokuthi ifeze izifiso zayo.
“Iziqephu ezingu13 zesizini yesibili zakhonjiswa ngonyaka odlule njengoba saqopha ezingu26. Njengoba lolu hlelo lubuya nje, sizoqhubeka nokuqedela ezinye esase sizenzile,” kuchaza yena ngamafuphi.
Uveze ukuthi akuthanda ngalolu hlelo indlela intsha ethakasela ngayo ukuthola uthando ngendlela yesimanje.
Khonamanjalo isiteshi iS3 sithungatha abazoba yingxenye yohlelo lokuthuthukisa amakhono okupheka iMasterchef South Africa.
Lolu hlelo kulindeleke ukuthi luqale kulesi siteshi maphakathi nonyaka nokuyothi oyodla umhlanganiso akhale amuke noR1 million.
UCaroline Phalakatshela weSABC, uveze ukuthi abantu abalindele ukuthi bangenele lolu hlelo abaneminyaka esuka ku18 kuya phezulu.
Uthe njengoba manje ukungenela sekuvuliwe, leli windi liyoze livalwe ngoMashi 15.
Lolu hlelo luza kwiSABC nje luphucwe inkampani yakwaMultichoice obese kuphele iminyaka ingaluqophi.