UKUZINIKELA, ukuzikhandla nentshisekelo yokuthola lonke ulwazi olumqoka, yizona zinto ezinconywe entsheni ebihambele umcimbi wokucobelana ngolwazi lwezokulingisa, oqale ngoLwesithathu e-KCAP, KwaMashu.
Umbuthano waminyaka yonke, owenziwa ihlandla lika-21 nonyaka, uyingxenye yeKwaMashu African Film Festival.
Omunye wabalingisi abebecobelela intsha ngamasu okulingisa emidlalweni yethelevishini, uMpume Mthombeni wodumo kwi-Durban Gen, uthe kumjabulisile ukubona abantu abasha bezimisela kakhulu ukufunda yonke into abangayazi ngemboni.
“Nakuba bekubonakala ukuthi abaningi babo abazi lutho olungako ngomkhakha wokulingisa, kodwa kujabulisile ukubona bezikhandla ukuthola ulwazi lwezinto ezizoba wusizo kubona ukungena endimeni. Kubonakale kukukhulu abangakuzuza uma beqhubeka nokuzikhandla ngale ndlela,” kusho uMpume.
Omunye futhi wabebecobelela intsha ngolwazi, uSam Hlophe oselingise emidlalweni ehlukene yethelevishini, okukhona kuyona eHostela nakuZalo, uthe into ehluphayo manje wukuthi abalingisi abaningi abaziwayo abakukhuthaleli ukuthuthukisa amakhono, okwenza abanye bame ndawonye kule mboni.
“Yingakho kujabulisa ukubona abantu abasha basemalokishini bekhuthalela ukuzithuthukisa ngolwazi, nokho okungasho ukuthi sebenqobile manje, ngoba mningi omunye umsebenzi obahlalele. Lesi sigcawu sizosiza njengoba nathi saqala lapha,” usho kanje.
Kulesi sigcawu, abantu abasha bathole ithuba lokufunda ukuthi kwenziwa njani uma kuqoshwa imidlalo yethelevishini, baboniswa nokuthi yini okumele bayazi futhi bayiqonde uma sebeqondene nekhamera, sekuqoshwa umdlalo.
Izigcawu zalo mbukiso ziyaqhubeka kanti zizophethwa kusasa njengoba kulindeleke ukuthi kutheleke abalingisi bemidlalo eyahlukene yethelevishini.