IBHODI elisha leSouth African Broadcasting Corporation (SABC) lihlalelwe wumsebenzi wokuqasha isikhulu esiphezulu sale nhlangano njengoba inkontileka yesikhona njengamanje, uMadoda Mxakwe, ifika esiphethweni ekupheleni kukaJuni, nonyaka.
Izindaba zokuphela kwenkontileka zihletshelwe leli phephandaba wumthombo ongaphakathi eSABC ngesonto eledlule.
“Iyaphela inkontileka kaMadoda angisazi noma ngoJulayi yini noma kule nyanga,” kusho umthombo ongavumelekile ukukhuluma nabezindaba.
“Sekukhona izikhulu ezingaphakathi ezizama ukuzihlela ukuthi zizoqhubeka kanjani uma ehamba. Esinye sifuna ukuthatha isikhundla sikaMadoda bese ezinye nazo zikhuphukela ezikhundleni eziphezulu. Ngizokutshela ngokuhamba kwesikhathi.”
Abezokuxhumana eSABC bathunyelelwe i-email ngoLwesithathu, okushaye isikhathi sokushicilela bengayiphendulekanga.
Ethintwa umkhulumeli wenhlangano obambile, uMmoni Seapolelo ngoLwesine, uthe uyibonile i-email futhi uzoyiphendula. NgoMgqibelo uphinde wathunyelelwa umyalezo wokumkhumbuza nawo agcune engawuphendulanga.
Ngokocwaningo lweSolezwe, uMxakwe uqale ukusebenza eSABC ngoJulayi 1, ka-2018 enikezwe inkontileka yeminyaka emihlanu.
Ukuqashwa kwakhe kwaqondana nokwesikhulu esengamele imali yenhlangano iChief Financial Officer, uYolanda van Viljon, sona esaqala ngoJuni 24, ngonyaka ofanayo. NjengoMxakwe, sanikezwa inkontileka yeminyaka emihlanu.
NgokweLinkedin, uMxakwe uyisikhulu esinamava njengoba eke waphatha eNestlé emazweni amahlanu aseningizumu ye-Afrika, uke wasebenza kwaNestlé eNigeria, eSwitzerland nakwezinye izindawo.
Kuphela izinkontileka zalaba nje, uMengameli Cyril Ramaphosa, usanda kuqasha ibhodi elisha lale nhlangano. Isikhathi sebhodi endala, usihlalo wayo okwakunguBongumusa Makhathini, siphele ngo-Okthoba, nyakenye.
Phakathi kwamalungu angu-12 akwibhodi elisha elizohlala iminyaka emihlanu, kubalwa owayeyinhloko yezindaba eSABC, uPhathiswa Magopeni nommeli uMagdalene Moonsamy.
Isikhangiso somsebenzi wesikhulu esiphezulu nomphathi wezezimali sesiphumile futhi ukufaka izicelo zomsebenzi kuvalwa namhlanje.