KUFUFUSA uqhekeko phakathi kwabasunguli beJoyous Celebration njengoba sekuvele ukuthi abasaboni ngasolinye.
Isolezwe ngeSonto lithole ngomthombo walo ukuthi asisihle isimo phakathi kukaJabu Hlongwane, Mthunzi Namba noLindelani Ngema okuyibona abangabasunguli beqembu.
Ukungahoshelani kwabo okungaqondakali ukuthi kudalwe yini, kuthiwa sekwenze ukhwantalala kwabanye njengoba kuvele nokuthi uLindelani Mkhize uze wangeniswa esibhedlela.
Ethintwa uLindelani ngalolu daba, uphendule kafushane wathi: “Angiyazi-ke le okhuluma ngayo. Ngicela uthinte uBaba Jabu Hlongwane wuyena okhulumela iJoyous Celebration,” usho kanje.
Kuthintwa uJabu Hlongwane, uthe abantu bayathanda nje ukuzikhulumela.
“Uma abantu bebona izulu liguqubele bavele bazikhulumele noma yini. Akukho lokhu abakushoyo. Bazikhulumela inganekwane nje. Thina sisabenza ndawonye, akunankinga. Ngikhuluma nawe nje ngiya eNorth West lapho kuyonandisa khona iJoyous Celebration. Umehluko wukuthi akekho uLindelani ngenxa yokuthi ubelaliswe esibhedlela, akaphilile. UMthunzi Namba yena akekho ngenxa yokuthi umatasa neminye imisebenzi njengoba ebuye abe ngumfundisi webandla aliholayo. Okunye abantu okumele bakuqonde wukuthi iJoyous Celebration sayenza ngendlela yokuthi ikwazi ukuqhubeka noma ngabe asikho thina basunguli bayo. Njengoba nami ngiya lapho inandisa khona, angiyi ukuyocula,” kusho uJabu Hlongwane.
Uthe umsebenzi owenziwa wuLindelani wokubhidisa iqembu, njengoba engekho uzobe wenziwa womunye asebemqeqeshile ukuthi awenze. Lokho uthe kungenye yezindlela zokukhulisa intsha eqenjini. Uze walinganisa ngokuthi uma ungumsunguli womsakazo kodwa ulokhu uzwakala usakaza, kusho ukuthi kukhona okungahambi kahle ngawe, ngoba kumele ukhule ngokuthi kube ngabanye abantu abasakazayo.
Ulinganise futhi ngenkukhu echobalisiwe, ukuthi isaqhubeka nokudayiswa kahle phezu kokuba umsunguli wayo kudala ashona.
Imizamo yokuthola uMthunzi Namba ayiphumelanga, ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa, nomyalezo athunyelwe wona akawuphendulanga, kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
IJoyous Celebration yasungulwa ngokubambisana ngamalungu ayo amathathu ngo-1994. Isikhiqize inqwaba yabaculi, abanye sebezimele, nasebezakhele igama emculweni. Muva nje isanda kukhipha i-albhamu ka-26.