AZOGUJWA ngekhonsathi ye-jazz amaholidi kaDisemba ePlayhouse eThekwini, ngoDisemba 14 okuzobe kuboshelwe kuyo abaculi abanohlonze.
Imenenja yezobuciko ePlayhouse, uThandekile Mqadi, ithe njalo ngoDisemba, baba nesizini lapho benza khona imicimbi ehlukene.
“Siba nemicimbi ehlukene ehlanganisa imidanso, umculo, i-drama, izingoma zikaKhisimuzi nokunye. Kulo nyaka sine-jazz. Isizini yethu kaKhizimuzi kade yaba khona kodwa siba nemicimbi ehlukene ngakho sine-jazz kulo nyaka. Ngonyaka odlule sasineyowokholo, kuyashintsha shintsha siyenza minyaka yonke,” kusho uThandekile.
Uthe inhloso yabo wukugubha amaholidi kaDisemba.
“Imindeni iyaphuma iyojabula ithakasele umculo, abathanda i-jazz bayeza bazobona i-jazz. Amathikithi akhona ayatholakala e-webtickets,” kuchaza yena.
Kulo mcimbi kuzobe kunandisa uNduduzo Makhathini, Afrika Mkhize, Ernie Smith, Xolisa Dlamini noDumza Maswana.
Amathikithi abiza u-R150 eWebtickets. Ikhonsathi izoqala ngo-3 ntambama.