YIZE bekuyisifiso sakhe ukuthi ahambe nendondo eyodwa noma ezimbili kumaSouth African Music Awards (Sama), abengoMgqibelo, eSun City kodwa uSun-El Musician ubengalindele ukukhala emuke nezindondo ezintathu.
Insizwa yaseMtshezi, KwaZulu-Natal, iqale ngoLwesihlanu ukuthola izindondo ngesikhathi iklonyeliswa ngendondo yeBest Collaboration ngengoma epike kuyo uSamthing Soweto ethi Akanamali.
NgoMgqibelo iphinde yaklonyeliswa izindondo ezimbili ebezingavotelwa - iSAMPRA Highest Airplay Song of the Year neSamro Highest Airplay Composer’s.
Ekhuluma neSolezwe, uSun-El uthe uthe ujabule futhi kumethusile okwenzeke kumaSama.
“I-albhamu yami selokhu ngayikhipha yenza kahle kakhulu futhi ngiyaziqhenya ngomsebenzi engiwenzile endimeni yomculo selokhu ngifike kuyo. Ngiyabonga kuwona wonke umuntu okhombise ukuthakasela umculo wami. Namhlanje senginezindondo ezifakazela lokho,” kusho uSun El.
Uthe ukuwina kufeze izifiso zakhe zeminyaka ngoba ukungenela kuye bekusho lukhulu.
“Kulo nyaka kuningi engisazokwenza, abantu abathokozele izingoma zami engisanda kuzikhipha okukhona kuzo ethi Bamthathile nesanda kuphuma ethi Sonini,” kuchaza yena.
Uthe maduze kuzophuma i-albhamu yomunye wabaculi abasayinisile nenkampanini yakhe futhi usezinhlelweni zokuhambela amazwe ahlukene ase-Afrika namadolobha ahlukene eNingizimu Afrika.