IBUKEKA isekude ukuphela impi ephakathi komculi we-Afro pop, nesitebele anquma ukusilaxaza ngoba ekhala ngokuthi siyamxhaphaza.
ULindokuhle "Intaba YaseDubai" Msomi, ngoLwesithathu utshele abalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana ukuthi, i-Ambitious Entertainment iyisusile ingoma ethi Voicemail ekwisingili yakhe entsha, kwiYou Tube.
Emyalezweni awunameke ekhasini lakhe leFacebook, uthe uyabona ukuthi abaphathi be-Ambitious Entertainment abakadeli ukudla imali yakhe. Wathi impi iyaqhubeka yize engazi ukuthi iyophelela kuphi.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngo- Ephreli, umculi wazwakalisa ukungenami ngenkampani abengaphansi kwayo, ekhala ngokuholelwa uR3 700, wathi yimali ababengavumelananga ngayo ngesikhathi esayina inkontileka.
Umthombo weSolezwe ngeSonto, uthi kubukeka esazothwala kanzima umculi.
"Uma iqhubeka nenkani Intaba YaseDubai izoba senkingeni ngoba wonke umsebenzi wayo usalawulwa yinkampani eyasayina ngaphansi kwayo. Ayisithupha esewonke ama-albhamu ngokwesivumelwano njengoba isaqophe eyodwa," kusho umthombo.
Lo mculi waKwaMaphumulo, wanquma ukushiya e-Ambitious Entertainment ngemva kokuzwakalisa ukungenami, ekhala ngokuthi bayamxhaphaza.
Umsindo wasuswa ingoma ethi Imali Eningi, apikwa kuyo esebenza ngokuhlanganyela noBig Zulu noRiky Rick, esidlalwe ngaphezulu kuka1.3 million. Intaba YaseDubai yakhala ngokungatholi ngisho indibilishi ngale ngoma.
UKgosi Mahumapelo, we-Ambitious Entertainment, uthe akaphawuli nhlobo ezindabeni ezithinta abameli. “Akukho engingakuphawula kulolu daba ongibuza ngalo,” kusho uKgosi.
Imizamo yokuthola umculi ukuba aphawule, ayiphumelelanga kanti ucingo lwakhe belukhala kodwa lungaphendulwa. Akayiphendulanga nemiyalezo athunyelwe yona kuze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Phakathi kwamanye amanoni ezingoma ezingaconsi phansi kubalandeli beNdaba YaseDubai, kubalwa ethi Ngiya'mthanda nethi S'bali.