UKHUZA ibuya okwesibili iminyaka ilandelana u-Unathi Nkayi, ozophatha uhlelo emcimbini wezindondo iBasadi in Music Award , nonyaka.
U-Unathi, ongumethuli wezinhlelo zethelevishini, umsakazi futhi ongumculi wafakwa ekugcineni ekuphatheni uhlelo emcimbini wanyakenye.
Phambilini abagqugquzeli bedili lezindondo zokuhlonipha imbokodo kwezomculo, okuzoba ngokwesithathu lisingathwa, babememezela ukuthi luzophathwa nguKhanyi Mbau.
U-Unathi uthe kunezinto ezimangalisayo ezenzekalayo uma uzihlanganisa nabesifazane abanentshisekelo ngamaphupho abo.
“Kwaba mnandi ukuba yingxenye yaBasadi in Music Awards nyakenye futhi ukumenywa ukuthi ngibuye ngizophatha uhlelo kungenza ngiphuphume yinjabulo. Yithuba lokugubha uhambo lwamaciko amangalisayo angigqugquzela mihla namalanga,” kuphawula u-Unathi.
Umsunguli wemiklomelo uHloni Modise Matau, uthe bayajabula ngokubuyisa u-Unathi futhi balindele ukuthi aphinde enze into yamehlo.
“Indlela ebheke kuma #Basadiinmusic2024 iyaqhubeka futhi sikubheke ngabomvu ukuthi siphinde sijabulele ithalente nempumelelo yabantu besifazane baseNingizimu Afrika emculweni,” kusho uHloni.
Umcimbi wanonyaka uzokuba ngo-Agasti 10, kusukela ngo-8 ebusuku, eJoburg Theatre. Kuzoqala ngokuthi kwethulwe amaciko, nezihambeli zedili lomculo, ekhaphethini obomvu kusuka ngo-5 ntambama kanti indikimba yanonyaka ithi, Girl in the Mirror: Our Reflection.
Amathikithi aseqalile ukudayisa eWebtickets ngoR500.
Ngonyaka odlule abahlomula ngemiklomelo kubalwa uLwah Ndlunkulu, Khutso Theledi, Kelly Khumalo, Nhlanhla Mafu, Qwabe Twins, Ntokozo Mbambo nabanye.