USESHAYE ungqimphotho wabuyelana nentombi yakhe yakudala umculi kamaskandi ophumele obala ngeledlule, ukuthi usethandana nomunye wesilisa.
UPhumlani ‘Imfezemnyama’ Khumalo ozivumele ukuthi usethandana nonontandabukwa waseMnambithi, uSabelo ‘Ntombeningi’ Sithole, uthi usebuyelene noNosipho Dladla, athe bebehlukene ngenxa yezinkinga.
Exoxa neSolezwe ngeSonto, uthe yena nesinqandamathe sakhe babe nakho ukungaboni ngaso linye, okuholele ekutheni bahlukane isikhashana, kodwa usebuye wabona kukuhle ukuthi babuyelane.
"Cishe ngahlukana nodali wami, osengibekezelele kakhulu ebunzimeni engidlule kubona empilweni. Ngithathe isinqumo sokuthi ngibuyele emuva kuyena," kusho Imfezemnyama.
Ebuzwa ngothando lwakhe noNtombeningi, uvele wadla amazambane ashisayo, wahleka, wayesethi umama wakwakhe uyalwazi yena udaba. Uphinde waveza ukuthi akazimisele ngokuthatha isithembu.
NgoLwesibili Imfezemnyama ikhulume bukhoma kwiFacebook nabalandeli bayo, ibatshele ukuthi ibiphezu komkhankaso wokuqwashisa abantu abagxeka ukuthandana kwabantu bobulili obufanayo.
Iphinde yaveza ukuthi yona iyinsizwa iphelele futhi ayithandani nabantu bobulili obufana nobayo.
Intombi yalo mculi, uNosipho Dladla waseMnambithi, ithe ayikaze ihlukane neMfezemnyama.
Yathi uyakweshwama okukhulunywa ngabantu ezinkundleni zokuxhumana ngaye, abathi useshaywa ngesithende yisoka lakhe elithathwe uNtombeningi kuye.
"Ngiyazi ngomkhankaso abawuqhubayo futhi nami bengiyingxenye yawo kusukela ekuqaleni. Konke lokhu osekukhulunywa kungamanga. Angidiniwe mina futhi anginayo nencane inkinga ngoba uPhumlani (Imfezemnyama) akakaze athandane noNtombeningi futhi nginalo ulwazi ngobungani babo," kusho uNosipho.
Eqhuba, uthe uyakholwa wukuthi ube yimpumelelo umkankaso njengoba kunyakaze izwe lonke ngezindaba “zothando” lwesoka lakhe noNtombeningi.
Ezithombeni zikaNtombeningi neMfezemnyama, ubungafunga ukuthi kwenziwa i-albhamu yezithombe zomshado. Imfezemnyama ibiswenke iconsa ngesudi, uNtombeningi egqoke ingubo emhlophe qwa yomshado.
Kwesinye sezithombe Imfezemnyama ibonakala iguqe phansi ngedolo, iphethe nendandatho, okubukeka ithembisa ngayo umshado.
Kuthintwa uNtombeningi, ngosekushiwo yiMfezemnyama, uvele wanengeka, wathi kuningi osekukhulunywa ngabantu kodwa unqume ukuthi angazixaki ngako.
"Ziyafika kimi izinkulumo. Abanye bathi mina ngisebenzisa uGogo Maweni, ukuze ngithandwe Imfezemnyama. Ngizoyenzelani leyo nto? Kumele engabe ngiyajabula kodwa konke osekwenzeka kungiphula umoya," kuzikhalela uNtombeningi othe yena wazi ukuthi basathandana neMfezemnyama.