ONOBUHLE noswenka bazodlana imilala ngengqephu esezingeni elicokeme kwindumezulu yomqhudelwano wesicathamiya e-Ondini Multi-Purpose Centre ngoDisemba 3.
Ngokwesitatimende esithunyelelwe abezindaba, amaqembu adumile esicathamiya azobe ebanga izindodla zemali nendathane yemiklomelo kulo mncintiswano.
Imeya yakuMasipala wasoLundi, uMnuz Wilson Ntshangase, uthe bavule izandla kuwo wonke amaqembu afisa ukubhalisela ukuba yingxenye yalomcimbi wokuqhudelana ngesicathamiya nangengqephu Ondini. "Kuvuleleleke kuwo wonke amaqembu inqobo nje uma lelo qembu lidabuka ngaphansi kwesifunda iZululand. Kujoyinwa mahhala. Kunxuswe abafisa ukubhalisa amaqembu abo baye emahhovisi akwaCommunity Services; bashiye imininingwane yabo," kusho uNtshangase emhlanganweni obusehholo iPZ Phakathi.
UNtshangase uthe lo mqhudelwano uzohlukaniswa izigaba ezintathu, okuwumunxa wesicathamiya, owoswenka nowonobuhle. "Njengomasipala sikubone kubalulekile ukuthi sikwenze lokhu futhi kuzohlomulisa abaningi ngenxa yemiklomelo ekhona futhi kungenwa mahhala. Sinxusa amaciko abhalise, sinxusa bakwenza lokhu ungedluli umhlaka 27 ku November 2022," kuphetha uNtshangase.