KUZOHLONISHWA inkakha yomsakazo engasekho mhlabeni, uBhodloza Nzimande, emcimbini wamagugu ohlanganisa abantu abasha bakuleli.
INdoni Cultural Heritage izohlonipha uNzimande ngoDisemba 16 e-ICC eThekwini kwindumezulu yomcimbi wezintombi nezinsizwa owenziwa njalo ngalesi sikhathi sonyaka.
Esitatimendeni esishicilelwe ngumsunguli walo mcimbi, uDkt Nomcebo Mthembu, uchaze uNzimande njengomunye wabantu ababeka izinto zesintu ebalazweni kulandela imisebenzi ayenza esaphila
"Indima ayidlala ukuqhakambisa isintu nokugcinwa kwamasiko inkulu kakhulu ngakho iNdoni kulo nyaka izobe ihlonipha yena. Ukuqhakambisa amasiko nesintu wayekwenza ngomculo, imigubho yamasiko nokunye okuningi. Sizoba nezinhlelo ezahlukene zokumhlonipha ngomsebenzi wakhe," kusho uDkt Mthembu.
UDkt Mthembu uthe akuzogcina nje ngokukhulunywa ngaye e-ICC uNzimande kodwa ngoDisemba 17 izinsizwa nezintombi zizovukela eRichmond ziyoviliyela edolobheni azalelwa kulo zize ziyofika kwaGengeshe. Kulo mviliyelo izintombi zizobe zivunule ngemvunulo yamasiko ahlukene, ahlanganisa namanye amazwe ukuqinisekisa ukuthi ngokwesintu nomthethosisekelo, wonke umuntu wamukelekile eNingizimu Afrika.
Kulo mcimbi kuzoba nomviliyelo owenzeka minyaka yonke, lapho izintombi nezinsizwa ezimele izifundazwe nezinhlanga ezahlukene zizobe zihlangene khona. Ngalolu suku zisuke zisina, zihaya amahubo zidlalisela ziphinde ziqwashise abantu abasha emgwaqweni ngokubaluleka kwamasiko.