UMLINGISI oqale ukubonakala elingisa indawo ka-Eric emdlalweni i-Adulting, uNhlanhla Kunene olingisa kwi-The River nakuLavish, uthe luyammangaza uthando aluthola ebantwini.
Uthe indawo ka-Eric wayecabanga ukuthi izoba ncane kodwa kunalokho imvulele amathuba abengawalindele.
UNhlanhla ubekhuluma neSolezwe ngokuzobonakala kwisizini yesibili ye-Adulting.
“Ngeke ngiqambe amanga, namanje ngisamangele izinto ngendlela ezenzeke ngayo, njengoba ngangithi indawo kaBonga elingiswa uThembinkosi Mthembu iyona ezogqama kakhulu futhi kukhulunywe ngayo. Siyazi kulezi zinsuku abantu besilisa abanemali nabaphila kahle yibona abathola ukunakwa ngakho indawo yakhe iyona engangithi kuzohlala kukhulunywa ngayo kodwa kungithusile sekunakwa eka-Eric okungumfana okhulele elokishini nophila isilokishi,” kusho uNhlanhla.
Uthe ujabule ukubuye athole ithuba lokubonakala kwisizini yesibili njengoba kukhona abafana ashintshe impilo yabo elokishini.
“Bengihlangana nabantu bangitshele ukuthi baphila impilo ka-Eric, lokho kungenze ngabona ukuthi kukhona abantu abazosizakala babone ukuthi impilo yize ingaba yimbi kanjani kodwa ekugcineni ingashintsha uma nje wena ufuna. Kule sizini entsha, abantu besilisa ikakhulu bazobona ukuthi nathi singazikhulisa izingane omama bazo bengasekho, ngakho ngiyabakhuthaza ukuthi bathole isifundo kulo mdlalo futhi basisebenzise,” kuchaza yena.
Lo mlingisi ngesizini ephelile kwiPodcast and Chill kaMcG waveza ukuthi ukuqopha izindawo okwenziwa kuyo ucansi uyakuqaphela kakhulu njengoba ekholelwa ekutheni uma abantu belwenza kusuke kuhlangana imimoya.
Kule sizini yize naye ebonakale enza ucansi kulo mdlalo, uthe emqondweni wakhe usuke ezitshelile ukuthi akuyona into ayenza ngempela, nokwenza kube lula ukuthi angajuli ngomgqondo.
Unxuse ukuthi abantu bawubuke lo mdlalo njengoba yize ugcwele ubumnandi kodwa sikhona isifundo abantu abangahamba naso kumlingisi ngamunye.