ISILOMO somsakazi woKhozi FM, uKhathide “Tshatha” Ngobe, sithe “ngeke ngimoshe isikhathi ngiphendulana nesiyabhuyabhu esingathi shu.” Besisho umculi kamaskandi, uDlubheke Khuzwayo.
UTshatha ubekhuluma naleli phephandaba ngemuva kokuvela kwe-video kaDlubheke lapho ebebasola ngokungabakhokheli ngendlela efanele abaculi emcimbini Impucuzeko Maskandi Festival. Lo mcimbi uzoba ngoMgqibelo ePeople’s Park, eMoses Mabhida Stadium.
“Ngeke ngiphawule lutho. Akaqali vele ukulokhu ekhuluma kanje. Uyangisanganela. Anginandaba naye. Ngizomthini umuntu ongezwani nabazali bakhe. Ngeke ngilokhu ngimosha umfutho wami, anginasikhathi nje sakhe,” kusho uTshatha ngokunengeka.
Kwi-video, uDlubheke usole uTshatha nomunye umgqugquzeli womcimbi uXolani Mcineka ngokuba wogombela kwesabo ngokuthatha imali eningi abaculi babanikeze amanenjana.
Imizamo yokuthola uMcineka ayiphu-melelanga njengoba ucingo belukhala luze luthule. Umyalezo athunyelelwe wona kushaye isikhathi sokushicilela engawuphendulanga.
UDlubheke uthe bayaxhashazwa futhi abaholelwa lutho.
“Ayikho imali esiyithola ngaloya mcimbi. Ngifuna kuzwakale kahle ukuthi ngisho kwiMpucuzeko Maskandi Festival hhayi yonke imicimbi.”
Uqhube wathi umculi ngamunye kumele acule bukhoma kodwa bakhokhelwe imali engafiki ndawo.
“Ibuhlungu kakhulu le nto, simuncwa amandla ethu sibhekile. Besithule le nto siyibuka iminyaka ngeminyaka.”
Uthe uzowamela amaciko yize engathunywanga.
Imizamo yokuthola uDlubheke izolo ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belungangeni futhi nomyalezo athunyelelwe wona bekubonakala ukuthi awufundwanga.
UTshatha uthe konke kumi ngomumo ngomcimbi futhi kade behlangene namaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi kuzobe kuphephile.
Abaculi abazonandisa kubalwa kubo uThokozani Langa, Igcokama, Khuzani, Osaziwayo, Inkosi Yamagcokama, Bahubhe, Shwi noMtekhala, Stability, Amageza Amahle nabanye.
Umcimbi uqala ngo-10 ekuseni uphele ngo-10 ebusuku kanti amathikithi atholakala esangweni ngoR100 aweVIP abe nguR500.