UMCULI kamaskandi, Igcokama Elisha, usola imbangi yalo uKhuzani ukuthi uthwele ngenyoka ayondla ngamatotolozi awasika ezinganeni.
Lokhu kuvela ezibongweni zeGcokama Elisha engomeni yalo ekwi-albhamu yakamuva ethi i-Dog Style.
Izinhlamvu zengoma zithi: “Wadidwa udumo lwami ngesikhathi ngifika emculweni ngo-2013, wezwa abantu bethi ngithwele ngendlela engithandwa ngayo abantu, nawe wazitshela ukuthi kuyathwala ngempela ukuze udume. Kumanje ubhizi unquma amatolotozi ezingane, uphakela lonke uhlobo lwezinyoka othwele ngazo.”
Lithintwa Igcokama ngalezi zinsolo elizibhekise kuKhuzani, lithe yinto engafihliwe ukuthi uthwele uKhuzani.
“Baningi abathi uthwele. Mina ngisho into eshiwo abantu, akuyona into engiyisusela ekhanda. Uma into ikhulunywa esidlangalaleni isuke ingasafihliwe. Kunabangani bakhe uKhuzani abangitshela lokho,” kusho Igcokama Elisha.
Ethintwa uKhuzani ukhale ngokuthi usemgwaqweni uyashayela, wacela ukubuye athintwe.
Ngemuva kwesikhathi uphinde wathintwa wathi usegibela ebhanoyini ngeke akwazi ukukhuluma nocingo, ucela ukubuye athintwe.
UKHUZANI usolwa yiGcokama Elisha ngokuthi uthwele ngenyoka ngoba efuna udumo Isithombe: INSTAGRAM / KHUZANI MPUNGOSE
NgoLwesine uphinde wathintwa wangalubamba ucingo kodwa wabuyisa umyalezo othi usesemhlanganweni. Ugcine engasalubambi nhlobo ucingo lwakhe uma efonelwa, kwesinye isikhathi alucishe uma lukhala.
Imiyalezo athunyelelwe yona kwiselula nakwiFacebook nayo akayiphendulanga.
IGcokama lithe alinankinga noKhuzani futhi alimzondi kodwa belisho into ekhulunywayo.
“Okuqinisekisa ukuthi anginankinga naye ukuthi ngisho ukuba yinxusa lakwaJonathan D wafakwa yimina. ICutty neJonathan D inkampani eyodwa. Okwenza ngithi naye abamfake enkampanini ngangibona ukuthi unomona ngoba kwakunabalandeli bakhe ababengithuka ekhasini leFacebook yami wakwaCutty. Ngangenzela ukuthi bayeke ukungithuka. Namanje usemseni wami ukuthi aqhubeke nokuba yinxusa lakwaJonathan D.
Uma ngingathi abaphathi beCutty abakhethe phakathi kwami naye bangachitha yena,” kuqhuba Igcokama Elisha.
Lithe alinankinga lona futhi lihlala liphumelela ezintweni ngoba lazalwa lembethe, ngeke lidlele uKhuzani umona.