UMCULI kamaskandi Igcokama Elisha lithi lalivele lifihle induku emqubeni ngokuthushuka, emcimbini i#Gcwalis’iMabhida Maskandi Concert obuseThekwini ngesonto eledlule.
Igcokama lithi laliyokhombisa amandla alo ngokuya eMabhida. Likhishwe ngesidlozana abaqaphi emcimbini ngesikhathi efika kungazelele muntu efuna ukungena esiteji ngodli.
Ubonakala kwi-video ehamba namagidangoma akhe beswenke baze baziminxa ngemihelane, yena egaxe ithawula elimhlophe ekhanda.
Engxoxweni neSolezwe ngeSonto Igcokama, lithe kade lakuhlela ukuya kulo mcimbi kodwa lakwenza kwaba yimfihlo ngoba lihlose ukuyokhombisa amandla alo kugcwele abantu. Lithe belifuna abantu bazibonele ukuthi liyindoda enesibindi, lenza noma yini elisuke selicabange ukuthi izolisebenzela ukuze lingene kubantu. Kuke kwasabalala amahlabezi okuthi leza emcimbini ngoba limenywe uBhodloza Nzimande.
Lithe lafonelwa uBhodloza sekusele amasonto amabili kufike umcimbi elicela ukuba liye kuwona kodwa lamtshela ukuthi lisazocabanga kahle, langamnika impendulo. Igcokama lithe lavinjwa kwathiwa alingaveli kubantu ngoba kwakwaziwa ukuthi bazonaka lona nokuyinto eyagcina yenzekile sekuduma lona.
"Uma ukhumbula kahle onke amaphepha abhala ngomcimbi ngoMsombuluko ayebhala ngeGcokama nokukhomba ukuthi yafezeka inhloso yami yokuthatha udumo ngedlule bonke ababekhona.”
Lithe enye inhloso bekungukuyogeza igama lalo ngoba kudume ukuthi linomona belingawufuni umcimbi kaKhuzani. Lithe iqhinga lalo lalingangakaze lihlebele ngisho abangani elixoxa nabo izifuba ngoba lalizosuke liputshuke ligcine lonakala.
BUKA:
"Kade kwasa ngisho ukuthi anginayo inkinga noKhuzani nezinto azenzayo. Angiyona inkomo edla yodwa emculweni. Abantu kufanele bazi ukuthi mina ngiyindoda enobuhlakani obungafani nokwabanye abaculi."
Igcokama lale laphetha ukudalula ukuthi lasithola kanjani isigqebhezana sezicukuthwane sokungena emcimbini esitholwa abakhethiweyo emcimbini. Ivideo yangosuku lomcimbi iliveza ligaxe isigqebezana entanyeni esivame ukuhambisana nethikithi lokupaka endaweni yezicukuthwane.
Lithe ngeke lidalule bonke ubuhlakani balo bonke kubantu ngoba lifuna ukuhlala libadida labo abangalifiseli lutho oluhle.