BADINWE bayaveva abathandi bomculo kamaskandi ngokukhishwa kwengoma kaMzukulu ethi MakaBuhle (Dali Wami), abese beqalile ukuyivotela emsakazweni Ukhozi FM.
Le ngoma ike yadla ubhedu ezinkundleni zokuxhumana abantu benza ngayo izitayela zokuhamba bedunusa. Ibisohlwini lweziyishumi ebezivotelwa kwezohlukanisa unyaka kuKhozi FM. NgoLwesihlanu kusuke umsindo kuvela ukuthi kube nezikhalo ezikhulwini zomsakazo ngokungena kwale ngoma.
Usomabhizinisi waseThekwini, uMnuz Calvin Mathibeli, uyena obhoboze ithumba wabhala kuFacebook ukuthi le ngoma ayisekho ngemuva kokuthi Igcokama Elisha liye enkantolo liyofuna incwadi yokuyivimba. Ngemuva kokuvela kwalezi zindaba abathandi bomculo abathanda bakamaskandi badinwe bathelwa ngamanzi bathi lo msakazo awubahloniphi.
Abanye babhale kuFacebook bekhala ngokuthi kumele kubuyiswe izimali zabo asebevote ngazo. UPhilani KaMjikijelwa Makhundwane uthe: “Yingakho nje Umhlobo Wenene uyohlezi unishaya oKhozini ngoba nikhohlakele, lezi zinto ezingenasiko.”
Ulebeleka Sithutha Setshitshi MfokaMakhathini uthe: “Sifuna imali yethu ngoba esikhishwe ohlwini lwe-Top 10.”
U-Iam’Sbusiso Nkoskhona Skhangane Sokhulu uthe: “Sifuna uMzukulu abuye ohlwini lweTop 10”.
UNomvelo Mvelo Jama uthe: “Yeyi nina Okhozini, buyisani ingoma yethu yomdunuso. Bese ngithenge iBrentwood ngilungiselela ukujabula ngale ngoma, nina seniyayikhipha. Ngithi nilimoshile ilanga lethu singamabhinca”.
USiyabonga Manana uthe: “Singamabhinca sibhizi sibheka intambo esizoyinqamula ezokwenza uKhozi lungezwakali umhlaba wonke. Uma uMzukulu engeke awuhlukanise unyaka Ukhozi kumele lungabe lusahamba phambili umhlaba wonke.”
Yize Igcokama belisolwa ngokuba nesandla kodwa belingakaze lithi vu ngalezi zindaba.
Isolezwe limthinta uMthandeni uthe, ngeke aphawule usacela kuthintwe imenenja yakhe. Kodwa ukubeke kwacaca ukuthi akazani nalezi zinsolo ezibhekiswe kuye. Imenenja yakhe, uMpilo Manyathi, ithe bamatasa kukhona izingoma abaziqophayo.
“Sibonile okushiwoyo, uma ngingasho nje asikwazi lokhu okukhulunywayo ukuthi kuvelaphi. Asibona abantu abangaqhubeka nokucindezela umculo kamaskandi njengoba sithanda ukuwubona ukhula,” kuchaza yena.