ININGIZIMU Afrika ifaniswa nothingo lwenkosazane nje yingoba inezinhlanga ezehlukene.
Uma sibheka KwaZulu-Natal kunenqwaba yezinhlanga. Kukhona abamnyama, amaNdiya, abelungu, amakhaladi nezinye. Uhulumeni uhlale ekugqugquzela ukuthi zihlale ngokubekezelelana.
Yingakho ngikujabulela okwenziwa yisiteshi esizinze eMhlanga i-East Coast Radio (ECR). Selokhu kufike umphathi uBoni Mchunu uyabona ukuthi sizama ngamandla onke ukungenisa endlini emnyama.
Mina nje bengazi ukuthi i-ECR yisiteshi samaNdiya nabelungu.
Kodwa kuthe uma sesiholwa uBoni sibonile kufika abasakazi abanjengoPhat Joe ethatha izintambo ohlelweni lwantambama.
Kumanje uhlelo luphethwe nguBongani Mtolo owenza kahle kakhulu ngoba wanqoba njengomsakazi ovelele kumaLiberty Radio Awards futhi nakulo nyaka uqokiwe.
Okuhle ngaye wukuthi akakhulumi ngezinto ezithinta abamhlophe namaNdiya kuphela kodwa uyazithinta nezinto ezenzeka emalokishini.
Uma ubheka futhi bayameseka kukhona konke akwenzayo njengemicimbi ayenza ezindaweni ezihanjelwa ngabantu bakithi kakhulu. Lokhu kusho khona ukuthi akekho kulesi siteshi ngoba befuna ukubhekelela izinhlanga ukuze mhlawumbe bajabulise abakhangisi kodwa ukhona ngoba bemdinga futhi bekholelwa kuye.
Bheka ngempelasonto ubeseCubana, eRichards Bay.
Muva nje ingwazi yesiteshi uDamon Beard isusiwe ohlelweni luka-9 kuya ku-12 emini phakathi nesonto esikhaleni sayo kwafakwa uThandolwethu.
NgeSonto eledlule ngike ngamuzwa uThandolwethu ezikhulumela IsiZulu nje kwangaba ndaba zalutho.
Isiteshi singazama ngayo yonke indlela ukungenisa kubantu abamnyama ngemikhankaso ehlukene kodwa uma okukhulunywa ngakho kungahambisani nabo ngeke kuthi shu.
Uzokhumbula ukuthi kungekudala kade beseMlaza lapho babehamba khona nomrepha * -AKA beyokhangisa ngesiteshi sabo.
Kuyangichaza futhi nokuthi ngaphezu kokuheha abantu abamnyama kodwa bayabafundisa abalaleli abangemnyama ngathi. Uma ulalela uhlelo lwasekuseni lukaDarren Maule uzongifakazela.
Banesigaba lapho befundisa khona abalaleli amagama esiZulu.
nUngangibhalela ku-fanelesibonge.bengu@inl.co.za, kuTwitter @fanelebengu noma ku-Instagram @fanelebengu