UZOQALA ngenyanga ezayo kwiNetflix umdlalo oqhakambisa imidanso ehlukene yaseNingizimu Afrika, iJiva!
Lo mdlalo sekuneminyaka emibili uphekwa njengoba waqala ngo-2019 ukwenziwa. Ukuqoshwa kwawo eKapa ngoMashi wonyaka odlule kuke kwaphazamiseka ngenxa yokubhebhetheka kweCoronavirus kodwa kwabuye kwaqhubeka ngoNovemba.
Abalingisi abaphambili ngoNoxolo Dlamini, oke wadlala kwiSarafina neThe Lion King, uCandice Modiselle, uZazi Kunene, uStella Dlangalala, uSne Mbatha, uPrince Grootboom, uGiven Stuurman, uZamani Mbatha, Anga "Naak Musiq" Makubalo nabanye.
Abanye abazobonakala kulo mdlalo nguDJ waseThekwini, uDJ Happy Gal, neqembu lomdanso elisebenza nabaculi base-Afrotainment, Amadada Dancers.
Ngesikhathi ekhuluma ngalo mdlalo ngonyaka odlule uNhlanhla "Sgaqa" Chiliza, weqembu Amadada elibunjwe nguye uSlenda Zungu, uMbali Kennedy, uNosie Ngema no-Ornica Dasi, wathi banethemba lokuthi uzobavulela iminyango eminingi badlondlobale.
Udadewabo kaCandice, uBontle Modiselle, noTom London yibo abangaqondisi bomdanso.
Umdlalo ulandela impilo kaNtombi (Noxolo) ongumdansi osemncane onamaphupho amakhulu waseMlaza kodwa ongeneme ngomsebenzi wakhe ngoba efuna ukwenza akuthandayo - umdanso. Usungula iqembu lomdanso, iTrollies, elibunjwe nguVuyiswa (Candice), Zinhle (Sne), Lady E (Stella) noNolwazi (Zazi).
IJiva! izoqala ukusakazwa ngoJuni 24.