UBUNGOZI bezimfihlo nokuthi zizibhidliza kanjani izinto ezisetshenzelwe kanzima, ngezinye zezinto ezizogqanyiswa umdlalo omusha woMzansi Magic, ozokhonjiswa kusukela ngo-Ephreli 21 ngo-7.30 ebusuku.
Umqondisi wophiko oluphethe izinhlelo ezivutshelwe kuleli kwaMnet, uShirley Adonisi, uthe umdlalo ozongena endaweni yeMy Brother’s Keeper, othi Genesis, uzobeka obala izinto ezizokwenza ababukeli bayibuke ngenye indlela inkolo yobuKristu nomculo wokholo.
Uthe ingqikithi yomdlalo odidiyelwe yiSingavision Productions, ingomlingisi oqavile uFelicia Thabethe, owayengumculi odumile womculo wokholo. Kuthi esezitshela ukuthi usenze konke okumele akwenze ukwakha ifa lomndeni wakhe nomyeni wakhe uGabriel, izinto ziqale zishube sekuvela izimfihlo ezingaholela ekutheni kubhidlike konke abakusebenzele kanzima.
“Yilapho okusuka khona ukushisa ngoba nesitebele sabo somculo iGenesis Records sesilengela engozini, okuphoqa ukuthi uFelicia enze noma yini ukuvikela igama lomndeni wakhe lingaze lishabalale. Umbuzo omkhulu nokho othi kukho konke lokho, uzokwazi yini ukuvuka ebunzimeni bokucekeleka phansi, noma uzolahlekelwa yikho konke? Impendulo izotholakala ngokuqhubeka komdlalo,” usho kanje.
Phakathi kwabalingisi abaqavile beGenesis kubalwa uBaby Cele wodumo loZalo, neSibongile and The Dlaminis, uBuyile Mdladla osanda kushaya into ecokeme kwiBlood Legacy, Nay Maps Maphalala okumanje ulingisa kuMkhokha, uGaosi Raditholo wodumo lwe-The River, Kealeboga Masango ogqame kwiYoungins nomakadebona kwezomculo futhi ongumlingisi uKeabetswe “KB” Motsilanyane.