KULINDELEKE ukuthi abalingisi beSkeem Saam bazokweseka uzakwabo, u-Amanda Manku, njengoba uyise ezolalela isicelo sakhe sebheyili eNkantolo yeMantshi yaseLebowakgomo namhlanje.
Uyise ka-Amanda (32) futhi ongukaputeni wamaphoyisa, usolwa ngokubamba iqhaza ekubulaweni kukanina ka-Amanda, uNkk Gladys Manku nogogo wakhe, (elingakatholakali igama lakhe) ngoMeyi 2021.
Esitatimendeni esenziwe wu-Amanda, olingisa indawo kaDkt Elizabeth ‘Lizzy’ Thobakgale kwSkeem Saam, uyise nabanye abasolwa abathathu bavele enkantolo ngecala elimayelana nokubulawa kwabesifazane ababili, abaneminyaka engu-70 nengu-45.
“Umama nendodakazi badutshulwa ngoMeyi 4, 2021 eMakgophong, eZebediela (eLimpopo). Lesi yisikhathi esinzima emndenini kodwa sithemba ukuthi amaphoyisa iSAPS nezobulungiswa bazoliphatha ngendlela leli cala lize lifike ekugcineni.”
U-Amanda ube esebonga umphakathi ngokubeseka kulesi sikhathi ababhekene naso.
Isolezwe lithole ukuthi uManku (53) ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela esiteshini samaphoyisa saseSandringham, eGauteng ngoLwesibili kwathi isinqandamathe sakhe, uNksz Nonhlanhla Ngubo (42), esingusayitsheni esiteshini samaphoyisa saseLinden, saboshelwa eLenasia South ngosuku olufanayo. Lezi zithandani ziboshwe noMnuz David Khoza (40) waseMozambique. UKhoza ubanjwe ezama ukweqa ngaseMpumalanga.
Okhulumela amaphoyisa aseLimpopo, uHlulani Mashaba, ucashunwe kwiZimoja ethi okwamanje ayikaziwa imbangela yokubulawa kwabafi futhi amaphoyisa asaqhubeka nophenyo.
*Khonamanjalo iSkeem Saam sesizokhonjiswa kuSABC 1 ngo-7.30 ebusuku kusukela ngoMashi 4.