Nokubongwa Phenyane
UMLINGISI womdlalo i-Erased esiteshini iMoja Love, uZethu Dlomo-Mphahlele, uthi uyafisa abantu bakuleli bangabehluleli abantu abaziphilisa ngemisebenzi engajwayelekile emphakathini njengoba besuke bengasazi isizathu salokho.
Umlingiswa wakhe ngowesifazane odayisa umzimba.
Kulo mdlalo okhonjiswa ngeSonto ngo-10 ebusuku, uZethu ulingisa indawo ka-Ayanda oshadile kodwa odayisa umzimba ngenxa yokuthi waphelelwa wumsebenzi ebhange ayesebenza kulona.
“Ngesikhathi ngithola le ndawo nokumele ngikwenze kuwona, ngashaywa wuvalo kancane kodwa ngaphinde ngajabula ukulingisa indawo ehlukile kwesengake ngazilingisa phambilini. Ngizwa sengathi ibaluleke kakhulu njengoba umdlalo ofana nalona ungakaze ukhonjiswe kuleli. Lokhu esikhuluma ngakho kulo mdlalo yinto eyenzekayo kodwa akujwayelekile ukuthi kuxoxwe ngayo,” kuchaza uZethu.
Uthi ngaphambi kokuthi lo mdlalo uqale uBongi Ndaba owubhalile waqala wacwaninga kubantu abenza lo msebenzi ukuze umdlalo ungashayi eceleni.
“Kwakumele sicophelele indlela esiwenza ngayo. Kwatholakala ukuthi kunomama bemizi abenza lo msebenzi base beveza izizathu ezibaholele kuwona. Engikufundile wukuthi singabagxeki abantu abasebenza ngezindlela ezihlukene ukuze baziphilise ngenxa yokuthi usuke engekho owaziyo ukuthi bakwenza lokhu ngoba kubangwa yini,” kuchaza uZethu.
Le ntokazi ezalelwe eMgungundlovu kodwa yakhulela eDobsonville, ithe ukulingisa yakuqala yenza amabanga aphansi esikoleni kodwa yaqhubeka nakho njengoba yakufundela yagogoda eNyuvesi iWits.
Maduze le ntokazi ithe izobonakala emdlalweni i-Amazing Grace, ezokhonjiswa njalo ngeSonto kuSABC1.