Nokubongwa Phenyane
UZOQALA ukubonakala kusasa emdlalweni iGomora uSihle Ndaba, ozakhele igama elingisa indawo kaSmangele emdlalweni Uzalo.
USihle ogcine ukubonakala emdlalweni iThe Herd, uzobe elingisa indawo kathisha omusha ozofundisa eGomora High.
Kulo mdlalo okhonjiswa phakathi nezinsuku kuMzansi Magic (161), uSihle uzobe elingisa indawo kaNcebakazi Manzi.
Ngokwesitatimende esithunyelelwe abezindaba, uNcebakazi ungowesifazane omuhle, onomoya ophansi kodwa osatshwayo.
“Uzinikele emsebenzini wakhe futhi uyawuthanda umsebenzi wokufundisa njengoba efuna intsha iphumelele kukhona konke ekwenzayo. Uyabakhathalela abafundi ngaso sonke isikhathi uyazinikela abasize emsebenzini wesikole ahlale nabo uma kukhona la bedinga khona usizo. Uma esemsebenzini ugqoka ngendlela ehloniphekile kodwa kukhona ukuganga anakho abaningi abangakuboni akwenza kubafundi,” kuchaza isitatimende.
Siqhuba isitatimende siveze ukuthi uNcebakazi aziqhayisa ngakho ukuthi unomzimba omuhle futhi lokho uyakujabulela kodwa uma enconywa akathandi ukukuveza ebantwini.
“Akafikile nje kuphela ngokuzoba uthisha weBusiness Studies eGomora High kodwa ungumngani omkhulu emndenini wakwaDlamini. Njengoba esondelene nomndeni wakwaDlamini, ngokuhamba kwesikhathi uTeddy (Sicelo Buthelezi) uba nemizwa yothando kuNcebakazi angazi ukuthi nayo le ntokazi iyazifela ngaye.”
Lo mdlalo oqale kulo nyaka wenza kahle ngokwezibalo zababukeli beDStv njengoba ubambe indawo yokuqala, ngababukeli abangu-1 145 095.
Umdlalo iThe Queen usendaweni yesibili ngababukeli abawu-1 108 051.
KwiSABC1 Uzalo lusamile kubabukeli abangu-8 million, yize luke lwaqopha umlando kuleli ngokuba umdlalo wokuqala ukufinyelela ku-10 million.
Muva nje ababukeli balo mdlalo behle kakhulu.
Kwa-e.tv imidlalo yakhona emithathu ekhonjiswa nsuku zonke akukho okuhlukile kuyo.
Kulesi siteshi umdlalo iScandal! uhamba phambili ngababukeli abangu-4 718 764 kulandele iRhythm City ngababukeli abangu-3 890 600, umdlalo Imbewu wona unababukeli abangu-3 688 674.