USAZIWAYO wakuleli, uBontle Modiselle-Moloi uthe usathatha isinqumo sokubala amagama akhe kulandela ukuthi etshele uyise ukuthi umphuphe eshonile, wavele wazibulala.
UBontle (33), olingisa indawo eqavile nomrepha uKwesta efilimini ezodlala kuNetflix esihloko sithi Piano Love, uthe wayeneminyaka eyisithupha ngesikhathi ephupha uyise eshona.
"Cabanga wuMgqibelo ebusuku, uyolala. Bewunephupho lokuthi uyihlo ushonile. Ngavuka ekuseni ngayotshela umama nobaba ukuthi ngiphupheni. NgeSonto ngezintathakusa, ngavuka ngabona ubaba ephethe amathuluzi," kusho umdidiyeli womdanso odume umhlaba wonke futhi oke walingisa efilimini i-Hear Me Move, neyamenza waqokwa emkhakheni weBest Actress in a Supporting Role kuma-Africa Movie Academy Awards.
UBontle uthe waqonda kuyise kodwa wavele uyise wamtshela ukuthi uyamthanda, akabuyele ezingubeni.
"NgoMsombuluko savuka ubaba kungaziwa ukuthi unyamalale washonaphi. Ngebhadi watholakala esezibulele. Tshela mina, uneminyaka eyisithupha, uphupha ngokuthi ubaba wakho akasekho emhlabeni. Uyavuka utshela abazali bakho. Ngakusasa ubaba wakho uyakushiya emhlabeni. Lobu buhlungu ngibuthwale impilo yami yonke. Lesi sigameko sangephula umoya."
Uthe yize ayenesifiso sokulandela ezinyathelweni zikayise ngokuthi abe yi-accountant kodwa wagcina esengena emkhakheni wezokungcebeleka ngoba umdanso yiwo owamlapha.
"Ngangingakaze ngazitshela ukuthi ngiyongena kwezokungcebeleka," kusho le ntokazi eyake yethula uhlelo lomculo iClub 808 ku-e.tv.
Uthe ukutshela uyise ngephupho bese ezibulala kwamfundisa ukuthi angaphinde akhulume nanganoma yini.
"Angisakwazi ukukhuluma ngokuthi ngiphatheke kanjani. Kunokuthi ngisho ukuthi ngizizwa kanjani, ngincamela ukuvele ngikhihle isililo." Uthe esakhula wayengakwazi ukuxhumana nabantu, engunyube nenkomo edla yodwa. Ngenxa yokuthi wayesethathe isinqumo sokuba yisimungulu, wasebenzisa umdanso ukuba umkhulumele. "Wumdanso owangelapha."
Uthe okwamenza wathi ukuhoxa ekudanseni iminyaka emibili kwaba wukungabibikho kwemali, nokuthi wake watshelwa ukuthi ukudansa kuzomenza abantu bangamhloniphi.