UMLINGISI wakuleli owayethandwa kakhulu ngendawo yakhe kaNtombi Khumalo emdlalweni iGenerations, ugcine ephawulile ngamahlebezi wokuthi indodana yakhe ishaye intombi yayo.
Izindaba zokuthi indodana kaSonia Mbele, uDonell Mbele, ishaye intombi igcwele ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuthi intombi ifake izithombe nama-video ikhala ibonakala ivuvukele.
Lokhu kususe umsindo ezinkundleni zokuxhumana, abanye abantu bezwakalisa ukunengeka ngokuthi kungani izinkinga zendodana kumele zithwese unina ngoba akahlangene nokwenziwa yindodana emjolweni.
WATCH: The son of actress and TV producer Sonia Mbele is being named by his girlfriend as an abuser.
— Zimoja Lezinto (@ZimojaL) November 23, 2022
Reokeditswe Makete says Donell beat her black and blue and then took over her social media. https://t.co/nle5sLjsxN pic.twitter.com/m8RG4vTGRr
USonia ufake isitatimende ezinkundleni zokuxhumana, lapho eveza ukuthi kusukela eneminyaka engu-17 kuya kwengu-26 ubethandana nomuntu owayemhlukumeza ngokumshaya, ngokomqondo nangokwemizwa ngakho-ke udaba lokuhlukunyezwa kwabantu uluthathela phezulu kakhulu.
Uthi wamukela uReokeditswe Makete ekhaya lakhe, wamphathisa okwendodakazi yakhe futhi wabambisana naye ekumesekeni emsebenzini wakhe kwezikaqedisizungu. Uthi ufisa ngabe le ntokazi itshele yena kuqala ngokuyehlele kunokuthi athole ngoba esekubona ezinkundleni zokuxhumana.
“Njengomama ngifisa sengathi ngabe ukhulume nami ngokwenzekayo ukuthola ngezinkundla zokuxhumana kungiphule umoya”
Uqhubeke wathi indodana yakhe izobhekana namadimoni ayo futhi uzodedela umthetho udlale indima wayo. Uthe uyazi lesi simo sizodlula nendodana izoluthola usizo olufanele ngoba ngeke akhulise indoda efana noyise.