UKHALELE iminyaka eyisithupha athi wayichitha ethandana nosomabhizinisi odumile waphuma engenalutho uSlindile Wendy Ndlovu ongomunye wabasohlelweni lwethelevishini iThe Realhousewives of Durban, eyethulwe ngokusemthethweni ngoLwesine ebusuku eThe Pencil, eMhlanga Ridge.
Ubekhuluma esiqeshini sokuqala esikhonjiswe emcimbini, wathi ngemva kweminyaka eyisithupha esebudlelwaneni, uphume nezingubo zokugqoka kuphela.
Ethintwa emva kohlelo uthe akayona into athanda ukuxoxa ngayo kakhulu.
“Nasohlelweni ngabatshela ukuthi angithandi ukukhuluma ngempilo yami esidlule kodwa bengingeke ngikubalekele ukukusho lokho ngoba ngiyingxenye yempilo yami,” usho kanje.
Yize izintokazi eziyingxenye yohlelo bezikhona emcimbini kepha azithandanga ukudalula ngeziqephu zohlelo. Abakuqinisekisile ukuthi okwenzeka ohlelweni yinto abayiphilayo okwangempela.
Phakathi kwezintokazi eziboshelwe kule sizini, kubalwa u-Annie Mthembu, Jojo Robinson, Nonku Williams noSorisha Naidoo abebekhona nangesizini yesibili. Abasha nguMaria Valaskatzis, Mbali Ngiba noSlindile Wendy Ndlovu.
USorisha obebukeka ezilungele ngesizini edlule, ushintshile usethanda ukususa umsindo. Uze wakuqinisekisa ukuthi abantu mabalindele lukhulu kuyena ngoba kule sizini entsha uzoveza ubuyena, uthi ukhathele ukuhlala ezibeke phansi.
UMbali Ngiba ubukeka engumuntu ohluphayo nohlulwa wukugcina isikhathi, nasemcimbini wokwethulwa kohlelo ufike sekwedlule isikhathi esetatazela kanti nasesiqeshini esikhonjisiwe kubonakele ukuthi unenkinga yesikhathi. Ufike emcimbini abebemenywe kuwona nguJojo sekusebusuku engekho osazitshela ukuthi useza, waxolisa into engapheli. Yize ebukeka enamahloni ohlelweni kodwa akesabi ukwenza izimanga ngoba evele wamunca ubhanana okomuntu olungiselela ukuya ocansini nendoda, kwababaza ozakwabo.
Kusona isiqephu kbonakale noSanelisiwe Bhengu odume ngoSanesh, esusa umsindo exabana nabantu. Ebuzwa ngokuba yingxenye yohlelo njengoba engaveziwe, akafunanga ukuchaza wathi akukhulunywe nabeShowmax.
Isizini yesithathu ibukeka izoshuba kakhulu ngoba bonke abakulona abafuni ukuzibeka phansi.
Yize engaseyona ingxenye yohlelo uThobile MaKhumalo Mseleku kodwa ubekhona ngesikhathi lwethulwa ezokweseka ozokwabo. Ubongwe nguSorisha, wathi ubungani babo buqale ngesizini edlule namanje basazwana futhi nguyena omlulekayo kokunye. Uhlelo beluphethwe nguMinnie Dlamini, ofike nonina.