UKUFANISA nokufezeka kwephupho leminyaka ukujoyina Uzalo unontandakubukwa weTheku, uThah Simelane, njengoba ezoqala ukubonakala maduze.
UThah uzodlala indawo yesiqumama, uJasper, kulo mdlalo okhonjiswa ngo-8.30 ebusuku kuSABC 1 phakathi nesonto.
"U-Jasper yisigwili saseGoli. Ngifika ngizoshubisa ngoba bengingekho ngiseholidini kanti uGC (Khaya Dladla) noThobile (Nocxy Mabika) bazontshontsha imali yami njengoba beshaya impilo eThekwini. Ngizolanda imali nemoto yami kubo," kusho uThah.
Uthe kuyamjabulisa ukuthi ekugcineni uzobonakala kuZalo nokuyinto ayeyifisa kusukela umdlalo uqala.
"Angazi nokuthi ngithini ngendlela engijabule ngayo. Ngingene ngingasalindele ukuthi kuyoke kwenzeke futhi ngiyafisa ukuthi ababhali bayilule indawo engiyilingisayo, kungabi yinto yesikhashana kuphela. Okwamanje kuseyinto yesikhashana njengakuShauwn Mkhize (osanda kubonakala kuZalo), bazongibiza uma bengidinga," kuchaza yena.
Lo nontandakubukwa, ophinde abe ngumphathi wohlelo emicimbini yobumnandi, useke walingisa emafilimini kasomahlaya, uPastor Mjosty, uLuthando kuMzansi Magic, In My Father's Name nakwamanye. Ubonakale nasohlelweni oluveza ngempilo kaShauwn, iKwaMaMkhize.
"Lokhu okwenzeka empilweni yami kukhombisa ukuthi yonke into inesikhathi sayo. Izinto angisaziphoqi manje, ziyazenzakalela nokukhombisa ukukhula. NakwiDurban Gen ngingase ngibonakale. Ngibuye ngamandla, abantu basazongibona," kuphetha uThah.
Imizamo yokuthola ukuthi uThah uzoqala nini ukubonakala igcine ingaphumelelanga njengoba okhulumela umdlalo, uNomfundo Zondi, engayiphendulanga i-email athunyelelwe yona ngoLwesihlanu.