USAZIWAYO waseThekwini, uNonkululeko "Nonku" Williams, uzokhuza ibuya kwiSeason 5 yeReal Housewives of Durban eseshaya ngolunye unyawo. Kwisikhangiso salolu hlelo lwempilo yangempela yalezi zintokazi, uNonku uveze ukuthi usezelwe kabusha.
Uthe akaseyona impohlwa ngoba useshadile.
"Ngishade noThixo, uMsindisi, uJesu Khrestu. Qaphela umlomo wami Nkulunkulu. Baba ngivuma zonke izono zami." UNonku ubeshade nensizwa yaseRichards Bay, uDumisani “Rough Diamond” Ndlanzi.
Ubudlelwano babo baphela sekumuncu njengoba bagcina sebehlambalazana ezinkundleni zokuxhumana. Nomunye esekhomba omunye esweni, nomunye evikela iso lakhe.
UNonku waqala ukwaziwa kulolu hlelo njengonina wengane yomculi wokholo ongasekho, uSifiso Ncwane.
Okuqaphelekile ukuthi akusiye yedwa kwabadala ababuyayo kodwa kukhona nozakwabo asemnkantshubomvu, uSorisha Naidoo.
Abanye ababuyayo ngoJojo Robinson no-Angela Ndlela. Abasha abazobonakala kulolu hlelo nguLorraine Sithole, Fafa Kubheka no-Ayanda Mthembu. Izinyawo zigcwale udaka kuSlee Ndlovu nabanye.