OWADUMA ngesikhathi elingisa kwiSibaya, osezobonakala emdlalweni iShaka Ilembe uNomzamo Mbatha, uthi ukhule ebukela kobe yisihlabani sebhola kuleli uSiyabonga "Bhele" Nomvete.
Ekhuluma noMpoomy Ledwaba kwiPodcast, uNomzamo uthe abantu akufanele uma sebephumelele bengakuvezi ukuthi babukele kobani abaphumelele ngaphambi kwabo.
UNomzamo uthe ukhulele elokishini KwaMashu, okuyindawo encishwe amathuba kodwa wazitshela ekhula ukuthi akasoze afana nesinqawunqawu, uzokulwa aze aphumelele.
"Mina impumelelo ngiyibone kuSiyabonga Nomvete. USiyabonga Nomvete, ngishaywa wuvalo uma ngikhuluma ngaye, ngomunye wabadlali abavelele waseNingizimu Afrika, owayakodlala e-Europe naseChina. Kuwo wonke umhlaba futhi udabuka esigcemeni sakwaC, KwaMashu."
Uthe wayethi uma eyogibela estobhini sebhasi KwaMashu, ezwe abantu bethi "Nakhuya kaNomvete. Leya ndoda iyona engabanye babantu abangikhombisa ukuthi kuyenzeka. Ungomunye wabantu abayimpumelelo esasiyibona. Wayeshayela imoto yakhe elokishini, afike apake kubo. Kuthiwe 'uzobona umama wakhe.' Ngithi 'wow!'"
Uthe naye lokhu kwamenza wafisa ukukwenza kunina futhi yingakho ehlale ebonakala elokishini ukuze intsha ibukele kuye.
Eqhuba uNomzamo uthe abanye abantu kabavinjwa ngabanye ukuba baphumelele kodwa yibo abawumgoqo ovimbe impumelelo yabo. "Kufanele ube nenkani. Ungasabi. Ube nesibindi."
Uthe nokungena kwakhe kwiSibaya wakulwela. Uthe wahlala iminyaka ewu-10 kwiSibaya kwathi kusemnandi washiya.
"Akufanele ushiye endaweni ngoba sekubheda kodwa hamba kusekuhle. Ngashiya kungekho lapho ngiqashwe khona kodwa ngaqunga isibindi. Kwahluleka kukhona abangigxekayo ngesinqumo sami kodwa ngadaza inkani. "
Uthe awusoze waphumelela empilweni uma unovalo lokuzama izinto ezintsha. UNomzamo ulingise kuMlilo, The Jakes Are Missing, Tell Me Sweet Something naseHotel Called Memory. Kanti uke walingisa no-Eddie Murphy kwiComing2 America. Kumanje ulingisa noBruce Willis efilimini ethi, i-Assassin