UMSAKAZI we-947, u-Anele Mdoda, usekulangazelele kabi ukuvela kohlelo lokupheka i-Ready Steady Cook South Africa, kwiSABC 3.
Kulolu hlelo lesi silomo sizobonakala nendodana yaso, u-Alakhe, bepheka ukudla okwehla esiphundu.
Laba bazobe bedlana imilala ekhishini ngoMsombuluko ngo-7 ebusuku. Ababukeli kulindeleke ukuba babone ubuciko, umncintiswano neziwombe ezizobe zikitaza ngesikhathi umama eqhudelana nendodana yakhe.
Kule mizuzu engu-20, u-Anele no-Alakhe bazobe belungisa izinhlobo ezintathu zokudla okuconsisa amathe ngezithako ezinhlanu.
Ngokusho kwesitatimende esithunyelelwe abezindaba kwiReady Steady Cook South Africa, kudingeka abantu abazobamba iqhaza abanomqondo osheshayo, hhayi izinokwe ezivilapha ukucabanga ngokuphazima kweso. Kugqugquzelwa imindeni ukuba ithokozele isikhathi esimnandi nokudla okuzoyizayo indawonye emakhaya.
U-Anele uthe ukuthakasele kakhulu ukuba yingxenye yalolu hlelo.
“Izinkathi ezimnandi ezikhumbuleka kahle ngezenzeka ekhishini futhi sinethemba lokuthi sizofaka ugqozi abazali abaningi ukuba bachithe isikhathi esihle bepheka nabantwana babo. Yindlela enhle yokwakha ubudlelwano nokwenza okuthize okuyisimanga ndawonye.”