UMCULI wokholo owaduma emuva kokuhlukanisa unyaka nyakenye kwiRadio Khwezi ngengoma ethi Amatshe, uLungisani "DeeKayGee" Ndlovu, unyelwe yinyoni esandleni njengoba eselingisa indawo eqavile kuZalo.
UDeeKayGee (37), uzolingisa indawo kangqongqoshe woMnyango wamaJele okhohlakele, uCupcake Ntuli. Uthe indawo yakhe izoqala ukuvela eyolanda ejele uNosipho Xulu (okuyindawo elingiswa wuNompilo Maphumulo).
"Ungungqongqoshe owalaxazwa wumkakhe kudala, ngakho uyimpohlwa ehlala yodwa emishini yaseMhlanga. Uthola isicelo somunye ummeli ukuba amkhiphele intombazane thizeni ejele ngokukhohlakala, base bevumelana ngokuthi le ntombazane imkhokhele ngokuya naye ocansini. Bazitika ngocansi nale ntombazane kanti umkakhe uzobuya ezoxolisa. Ngebhadi intombazane isifake izinzipho kuCupcake ngenxa yempatho nothando lwakhe. Yilapho kuzosuka khona ukushisa."
Le nsizwa ayisilo neze ivukana kulo mkhakha njengoba seyike yalingisa izindawo eziqavile emidlalweni nasemafilimini amaningi, okubalwa kuwo iDurban Gen enguPastor Myeni, waba uPastor Bila kwiGomora, ekaDkt Ngwenya kwi-In The Dock, ekaSuperintendent Zikhali kwiKings of Johannesburg (Netflix)nekaBhekumuzi kwethi Amanzamnyama (1KZN TV). Ngaphandle kwamava, uDeeKayGee ugabe nangolwazi njengoba enza izifundo zokubhala nokuqondisa imidlalo namafilimu eCreative Arts College.
UDeeKayGee, odabuka esigodini saKwaDindi, eMgungundlovu, wafunda eMagxabeni Primary esemapulazini abelungu.
"Ngase ngiqhubekela eSimozomeni Secondary eRichmond kodwa ngaqedela eMvunulo Secondary KwaDindi."
Uthe wayengakaze azicabange esengumlingisi oqavile emidlalweni emikhulu.
Yize kunjalo uthe kusukela esakhula ubengumuntu oyijongo elicupha isisoka nezinsizwa ezingamabhinca futhi ekhonze umculo wesicathamiya, ecula kwiScorpion.
"Ngokukhula ngabe sengizingenela ekukholweni futhi sengigxile emculweni wokholo. Ngenhlanhla ngathola ithuba lyokulingisa indawo kaDavide ebulala uGoliath, kwaba ukuqala kwami-ke kulo mkhakha. Kuthe sengitholile ukuthi likhona ikhono, ngase ngizinikela kukhona."
UDeeKayGee uthe uqale elingisa indawo engatheni kwiDurban Gen ngaphambi kokudlala indawo kaPastor Myeni.
Uthe yile ndawo eyamenza wagcina esebona isidingo sokuqeqesha ozakwabo abasafufusa ngaphansi kwenkampani, iGold Mark Pictures.
UDeeKayGee uthe ukulingisa kuZalo kufane nokufezeka kwephupho lakhe leminyaka wathi abantu abalindele lukhulu kuCupcake kuZalo.