IQEMBU lomculo wokholo laseMlaza, i-Amazing Grace libonga uNkulunkulu ngokulivulela ithuba lokusebenzisana noZalo, umdlalo owuchungechunge nohamba phambili ngababukeli.
Ngokusho kukaNhlanhla Gebashe umsunguli weqembu, kunzima ukusebenza kubaculi kulesi sikhathi kepha sebelekelelwa yimali abayithola ngokuba yikhwaya eculayo kuZalo. UGebashe ubekhuluma kabanzi ngokuhlangana kweminyaka ngu-20 leli qembu lasungulwa.
Echaza uthe impela Uzalo lubalekelele kakhulu baxosha ikati eziko ngesikhathi somvalelandlini : “Siyambonga uNkulunkulu ngokusivulela amasango. Kuyasisiza kakhulu ukubonakala kwethu sicula kuZalo. Okumqoka wukuthi siyakwazi ukubeka isinkwa etafuleni ngemali abasiholela yona.”
Eqhuba uthe baningi abaculi abaziwayo abake basebenzisana ne-Amazing Grace.
Phakathi kwabo ubale umsakazi woKhozi FM uPhindile Phewa, uJumbo wodumo lwamaCrown angonyaka odlule, uBabo Ngcobo, uSgwili Zuma, uPhelelaphi Mkhize okwiJoyous Celebration noPaul Shabalala okwiLion King.
Ubalule nosomabhizinisi athe bavamise ukuyeseka i-Amazing Grace. Omunye wabo nguMnuz Brush Mcadi weBrush Mcadi Foundation.
Ubonge nokuthola ukwesekwa ngabafundisi bamabandla ehlukene aseMlaza. I-Amazing Grace isungulwe ngo-Ephreli 27, 2001.
Ibunjwe ngabafana namantombazane baseMlaza ngokwahlukana kwezigceme. Angu-23 amalungu eqembu. Selikhiphe amaCD amahlanu.
Esewonke ngokulandelana kwawo Umsindisi Wami, Nawe Woza Kuye, uMthwalo, Uyabalalela, kuthi eyokugcina kube Ngiwufune Umusa.
Phakathi kwezindondo asebeke bahlabana ngazo ubale eyeBest Song abayithole kuMlacto, okuyizindondo zokuhlonipha abaculi baseMlaza, eyeBest Achivers abayithole kuMabo Awards.
Ngonyaka owedlule iNgqwele Academy ngokubambisaa noMkhandlu weTheku bayichome uphaphe lwegwalagwala i-Amazing Grace ngendima esiyiklamile ekuthuthukiseni abantu abasha ngokomculo.