UKUSHIYA kukaThandeka Dawn King emdlalweni, Uzalo, kuphoqe ukuthi kushaye ibuya omunye wabalingisi akade sebeshiyile, uBaby Cele.
U-Baby, olingisa indawo kaGabisile kulo mdlalo, kulindeleke ukuthi aqale ukubonakala kuwona ngenyanga ezayo.
Umthombo weSolezwe uveze ukuthi uBaby wayenikwe ikhefu kulo mdlalo, hhayi ngoba wayehamba unomphela futhi wayengomunye wabazokhipha uSiyabonga Shibe (Qhabanga) kulo mdlalo.
“Ukushiya kukaDawn kuphoqe ukuthi basheshe bambuyise uBaby (Gabisile) njengoba bebebona ukuthi akasekho owesifazane oqinile, ongalingisa indawo ephambili kulo mdlalo futhi ongowesifazane onamava kulo mkhakha. Kudala impela yena aqala ukuqopha njengoba umngcwabo wakhe ungabanga bikho kuZalo ngesikhathi ehamba, wavele wanyamalala nje,” kuchaza umthombo.
Uveze ukuthi baningi abalingisi abasha nabafikayo kule ndima abazobonakala kulo mdlalo ngenyanga ezayo.
“Kukhona intokazi esencane ezolingisa eduze noGabisile. Bakhona nabanye abazobonakala isikhathi eside kulo mdlalo baphinde bahambe. Kodwa le ntokazi yona isekhona nje impela njengoba sisaqopha nayo kuze kube manje,” kuchaza umthombo.
Okhulumela iStained Glass, uNomfundo Zondi, uthe uma kukhona izinguquko kulo mdlalo bazokhipha isitatimende.
Ngokwamazwibela alo mdlalo, ngenyanga ezayo uBaby uzoqala ukubonakala ngoLwesihlanu, ngo-Agasti 20.
Ukubonakala kwakhe kuzothusa abaningi KwaMashu njengoba bebecabanga ukuthi washona.
Umthombo uthe uzovela esendaweni yasemakhaya, la ezobe enguthisha khona kwesinye sezikole zendawo.
Uma efika KwaMashu, wonke umuntu ukhuluma ngokubuya kwakhe futhi uya ebandleni uyocela ukuthi anikwe ithuba lesibili.