Omunye wabalingisi abaphambili emdlalweni osunezinyanga ezimbili uqale ukukhonjiswa kwi-e.tv, Isiphetho: Destiny, u-Upile Bongco uthi ukholwa wukuthi indawo ayilingisa kuwona kaNtando Grootboom, izokhuthaza abantu besifazane ukungavumi ubunzima bempilo abayiphilayo kubacindezele.
Engxoxweni neSolezwe Ngempelasonto, u-Upile waseGqeberha, e-Eastern Cape, uthe indawo ayilingisa kulo mdlalo, okhiqizwe yiBlack Brain Pictures, ingowesifazane ongavuleleki ngendella azizwa ngayo ngenxa yobunzima bempilo yakhe.
“Kodwa ngokuqhubeka komdlalo ababukeli bazombona evuleleka, emela akufunayo nakholelwa kukho, into engikholwa wukuthi izoba yisifundo kubantu besifazane futhi ibakhuthaze bangavumeli ubunzima bempilo bubacindezele,” kusho yena.
Eqhuba, uthe nakuba kunezinselelo ukulingisa emdlalweni omusha ikakhulu njengoba kungokokuqala elingisa indawo ephambili, kodwa ukusebenza nethimba labantu abazikhandlayo kwenza umsebenzi uqhubeke ngendlela efanele.
Lo mlingisi oneziqu zokulingisa zaseRhodes University, ugqame kwezokulingisa ngendawo kaPoloko kwiScandal! ngo-2021, nekaNolwazi kwiDurban Gen ngo-2022, kanti useke wavela kancane kwiGqeberha: The Empire.
“Ukulingisa indawo engezinye zezithwele umdlalo kuwumuzwa owehlukile nomnandi kakhulu kimina ikakhulu ngoba ngisemusha endimeni, futhi ngijabule ngendlela abantu abakhombise ukungithakasela ngayo ngomsebenzi engiwenzayo kwiSiphetho: Destiny,” kusho u-Upile.
Ephetha, uthe ufuna ukukhula kule ndima, angagcini ngokulingisa kuphela. Uveze ukuthi kunomdlalo ozophuma ungakapheli lonyaka, abambe iqhaza elikhulu ekubhalweni kwawo.